Wesule isigubhukane umshushisi wodumo

2017-02-02 06:01

UMSHUSHISI owabamba elikhulu iqhaza ekuboshweni kuka-Oscar Pistorius kanye nowayengukhomishana wamaphoyisa uJackie Selebi, wesule isigubhukane esikhundleni sakhe.

INews24 ingakudalula ukuthi u-Advocate Gerrie Nel unikeze iNational Prosecuting Authority (NPA) incwadi yokwesula kwakhe ngoLwesibili. Phambilini uNel wayeyinhloko yophiko kwamaScorpions eGauteng.

Ukwesula kwakhe isigubhukane kuzothusa abaningi kwi-NPA njengoba isibe nebaphathi abane eminyakeni eyishumi eyedlule.

Ngo-2008 uNel waboshwa ngezinsolo zokukhwabanisa ezazingelona iqiniso ngesikhathi esezithendeni zikaSelebi.

Ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi lowo owayeyinhloko ye-NPA, uNomgcobo Jiba, nguye owayengungqondongqondo ekutholeni incwadi egunyaza ukuboshwa kukaNel.

– News24.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.