Zimkhalele oshiye izingane ezincane zodwa

2018-08-23 06:01

OWESIFAZANE oneminyaka engama24 ubudala wase Malangeni osolakala ngokuthi wavele wahamba washiya abantwana bakhe ababili abancane besele bodwana ngolwesihlanu olwedlule.

Kuthiwa amaphoyisa aseScottburgh athola umyalelo ukuba aphuthume endaweni yesehlakalo nalapho afika abikelwa khona ukuthi unina wezingane uzishiye wahamba wabhekisa amabombo eMlazi.

Usayitsheni Nonkululeko Mgqibisa wamaphoyisa aseMzinto Kanye noConstable Dillon Khamisa yibo ababphe lowesifazane lnovele enkantolo yaseScottburgh ngoMsombuluko.

Kuthiwa lomama ohlala endaweni eyaziwa ngokuthi ikwaGumede nalapho kuthiwa wayekade eyobheka khona indoda engubaba wezingane ezabe zishiywe zodwana. Lona wesifazane kuthiwa wabe eshiye ingane eneminyaka emithathu eyishiye ihleli nenenyanga eyodwa nje vo.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uKaputeni Vincent Pandarum lona wesifazane wacela ukushiya izingane nodadewabo okuthiwa wanqaba wabe esevele ezilaxaza kanjalo wazishiya zihleli zodwa.

Amaphoyisa kuthiwa abe esehlela ukuba izingane zithathwe zasiwe endaweni ephephile lapho bezizothola khona ukunakekelwa okudingekalayo njengalokhu unina wazo esabhekene namacala okuzishiya budengwane.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.