Zitholakele izimoto ebezebiwe

2017-09-07 06:00
Amaphoyisa alandele umkhondo lemoto yatholakala eMargate.

Amaphoyisa alandele umkhondo lemoto yatholakala eMargate.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMAPHOYISA esifunda Ugu Cluster abambe izimoto ezimbili ebezebiwe emahoreni angamashumi amabili nane ngoLwesibili.

Mhla zingama-27 kuNcwaba (August) owesifazane waya kumakhenikha eSouthport eyolanda imoto eyabe ilungiswa khona. Ngokusho komkhulumeli wamaphoyisa uLieutenant-Colonel Zandra Wiid, lona wesifazane wafika imoto ingekho kumakhenikha. “Watshelwa ukuthi umfowabo kamakhenikha uthathe imoto ewumuntu ozoyidiliva kumnikazi wayo kodwa kwangaba njalo, imoto yagcina ingatholakalanga,” kusho uWiid.

Ngolwesibili, amaphoyisa ophiko lwezinja kanye noMnu Hendrick Ludick kanye nenkampani yonogada bathungathe lemoto yohlobo lweToyota Corolla ayithola eMargate. “Kuboshwe umsolwa oneminyaka engama-24 futhi uzobhekana necala lokusebenzisa imoto ngaphandle kwemvume yomnikazi wayo.

Kwelinye icala, ngoLwesibili ngezikhathi zo-12:30 owesifazane untshontshelwe imoto ipake esibhedlela saseHarding. “Uthe ephuma wathola imoto isinyamalele,” kusho uWiid. Amaphoyisa abe esekhipha umbiko ophuthumayo mayelana nalemoto. UMnu Ludick ulandele umkhondo imoto yatholakala ipake eduze nezitolo Ezinqoleni. Kuvulwe icala lokweba emaphoyiseni. – Luthunyelwe.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.