Zizoqala maduze izimbizo

2018-11-01 06:02

UMASIPALA waseRay Nkonyeni uzobe ubambe izimbizo nemiphakathi nalapho imiphakathi ithola khona ithuba lokuba ikhulume nobuholi bamasipala.

Lezizimbizo kulindeleke ukuba ziqale ngoLwesine KuLwezi (November) 1.

Loluchungechunge lwezinkulumo nemiphakathi lugunyazwe ngumthetho sisekelo weLocal Govermnent Systems Act 32 wama 2000 nalapho imiphakathi iveza khona izikhalazo, izincomo kanye nokungagculiseki ezintweni ezithile.

Ngokusho kukameya wamasipala waseRay Nkonyeni uCynthia Mqwebu uthe okubaluleke kakhulu ngukuthi imiphakathi ithola ithuba lokuba izikhulumele yona bese inikezwa nezimpendulo ezifanele ngaleso sikhathi

Uthi uma kungukuthi ezinye zezinto azingawuthinti umkhandlu zike zidluliselwe eminyangweni ofanele nalapho kuke kuthathwe khona izinqumo bese izinkinga zemiphakathi ziyalungiswa

“Okubaluleke kakhulu ngukuthi imiphakathi ngabakhokhi bentela kumele bazi futhi ukuthi izimali zabo sizisebenziswa ngendlela, ikakhulukazi umabekade becele izinto bazi ukuthi umkhandlu uthola malini kanti futhi yenzeni ukuthuthukisa izimpilo zabo,” kusho uMqwebu.

Ube esenxenxa kakhulu imiphakathi ukuba ifike futhi iphumelele ngobuningi bayo ezimbizweni ukuze ingagcini ngokuzwa kuthiwa kodwa ikwazi ukuzikhulumela bukhoma nohulumeni okhethwe iwona uqobo.

Bheka indawo yangakini ethebhuleni elingezansi.

DATE CLUSTER WARD VENUE TIME
Thursday 01
November 2018
02
07,08,09,29
Mphelelwa Sports Ground 10H00
Friday 02
November 2018
05
21,22,23,24
Maveshe
Community Hall
10H00
Monday , 05
November 2018
04
03,05,25,26,27,28
Qinabout Community Hall 17H00
Wednesday 07
November 2018
06
04,17,18,20
Civic Centre 17h00
Thursday, 08
November 2018
03
01,02,06, 10,11, 19
Uvongo Community Hall 17h00

07
12,13,14,15,16
Protea Park Hall
17h00
Monday, 12
November 2018
1
30, 31, 32, 33, 34
Endimeni Community Hall 10h00
Tuesday , 13 November 2018 1
35 & 36
AB Gigaba Community Hall 10h00
Wednesday, 14 November 2018 1
4 Wosiyane Community Hall 10h00
DATE CLUSTER WARD VENUE TIME
Thursday 01
November 2018
02
07,08,09,29
Mphelelwa Sports Ground 10H00
Friday 02
November 2018
05
21,22,23,24
Maveshe
Community Hall
10H00
Monday , 05
November 2018
04
03,05,25,26,27,28
Qinabout Community Hall 17H00
Wednesday 07
November 2018
06
04,17,18,20
Civic Centre 17h00
Thursday, 08
November 2018
03
01,02,06, 10,11, 19
Uvongo Community Hall 17h00

07
12,13,14,15,16
Protea Park Hall
17h00
Monday, 12
November 2018
1
30, 31, 32, 33, 34
Endimeni Community Hall 10h00
Tuesday , 13 November 2018 1
35 & 36
AB Gigaba Community Hall 10h00
Wednesday, 14 November 2018 1
4 Wosiyane Community Hall 10h00
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.