Ikhaya labakhubazekile lamukela umnikelo

2015-06-24 06:00
Isithombe: Sithunyelwe

UMeya waKwaDukuza uRicardo Mthembu kwesokudla kanye nabamele uHesto, Unitrade, Food for Life noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi emcimbini wokunikela kwezimpahla kwi khaya labantwana abakhubazekile ngeledlule.

Isithombe: Sithunyelwe UMeya waKwaDukuza uRicardo Mthembu kwesokudla kanye nabamele uHesto, Unitrade, Food for Life noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi emcimbini wokunikela kwezimpahla kwi khaya labantwana abakhubazekile ngeledlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO ezimele enakekela abantwana abakhubazekile, Inqolobane Institute for African Heritage yamukele umnikelo ovela kosomabhizinisi kanye nehhovisi lika meya waKwaDukuza ngeledlule.

Abakwa Hesto bebambisane nabakwa Unitrade, Food for Life kanye noMeya uMnuz Ricardo Mthembu banikele ngezitofu ezimbili, iziqandisi ezimbili, izingubo zokulala kanye nokudla.

UMeya uMthembu uthe kuyamujabulisa indlela ihhovisi lakhe lisebenzisane nosomabhizinisi ukulekelela leli khaya.

Uthe: “Ngithanda ukudlulisa ukubonga kulabo abafikelwa umbono wokuvula leli khaya.

Ngithanda nokubonga abakwa Food for Life, Hesto kanye nabakwa Unitrade ngalo mnikelo,” kusho uMeya.

Oyilunga lebhodi yalenhlangano uNksz Zama Ndlovu uthe basungula ikhaya lokunakekela abantwana abakhubazekile Inqolobane Centre for the Disabled, ngonyaka odlule, ngoba bebona isidingo sokulekelela abazali balezizingane.

Uthe: “Leli khaya linakekela abantwana abangama-14 okwa manje.

Lababantwana baqhamuka ezindaweni ezahlukahlukene njengoba abanye abase Manguzi, eNquthu kanti abanye abasEmpangeni,” kusho uNksz Ndlovu.

Uqhube wathi bangama-18 abasebenzela leli khaya abaholelwa imadlana engatheni nguhulumeni njengoba Inqolobane ithembele kwimnikelo.

Abasebenzela leli khaya baqeqeshwa uMnyango wezeMpilo ngokunakekela abantwana abakhubazekile, ngokusho kuka uNksz Ndlovu.

UNksz Ndlovu uthe: “Iningi labo yintsha esebenza ngokuzikhandla futhi ikhombisa ukuwuthanda umsebenzi wayo,” kusho yena.

Uqhube wathi Inkosi uZwelibanzi Dube yanikela ngomhlaba nangendlu ukuze inhlangano yabo izokwazi ukugcina abantwana khona.

Ekhuluma emcimbini wokwethulwa komnikelo ngeledlule, uMeya uMnuz Mthembu uthe: “Njengo mkhandlu siyayibonga Inkosi uDube ngalokhu ekwenzile,” kusho yena.

IKhansela lakwa Ward 3, eNew Guilderland, uMnuz Gabangani Van Whye ubonge umphakathi, Inqolobane, Inkosi uDube, uMasipala, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, kanye nosomabhizinisi ngendima abayidlalile ekulekeleleni leli khaya.

USihlalo wale nhlangano uMnuz Kenneth Mthunzi uthe abantwana bakuleli khaya bathokozile njengoba lo mnikelo ufike enyangeni yabasha kanti isikhathi esiningi abanakwa lababatwana ngenxa yesimo sabo.

Uthe: “Usuku lwanamuhlanje lubalulekile kulabantwana ngoba bazozizwa beyingxenye yomphakathi kanti futhi bazoba nesiqiniseko sokuthi amalungelo abo ayahlonishwa,” kusho uMnuz Mthunzi.

Uqhube wathi kusekuningi okusamele kwenziwe kuleli khaya ukuze abantwana bezohlala kamnandi.

USihlalo uthe: “Sisabhekene nenkinga yamanzi nogesi kuleli khaya kodwa ngiyethemba ukuthi izinto ezizolunga ngokushesha,” kusho uMnuz Mthunzi. Uqhube wathi banesifiso sokwakha ingadi lapho khona abantwana bezokwazi ukuzilula amathambo bephinde bedlale ngokukhululeka.

Uthe esinye sesifiso ukuvula ikhaya elizosiza abanenkinga yezidakamizwa.

Uma kukhona onesifiso sokuxhasa leli khaya engaxhumana noNksz Zama Ndlovu enombolweni ethi: 073 4840 441 noma noMnuz Kennethe Mthunzi enombolweni ethi: 071 8824 555

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/Sport
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.