Abafundi abangu 10 bathole umfaniswano wesikole

2016-04-13 06:00
x Isithombe: Sithunyelwe

x Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO ebizwa ngokuthi Izwi Lothando Home and Community Based Services, okuyinhlangano eyasungulwa ngenhloso yokulekelela imndeni ehlwempu, eholwa uMnuz Phila Zulu ikwaze ukulekelela abafundi abayishumi (10) baseNtshawini naseLindelani abekade bedinga umfaniswano wesikole.

UMnuz Zulu uthe labafundi abathole umfaniswano wesikole bazalwa emndenini ehlwempu noma bayizintandane.

Labafundi banikweze umfaniswano emcimbini obuse hholo lo mphakathi waKwaDukuza ngeledlule. Lo mcimbi ubuhanjelwe abaholi bomphakathi okubalwa kubona amakhansela uMnuz Nevas Hlatshwayo, uMnuz Sithembiso Magubane kanye noNkk Nozwe Khumalo kanye namalungu omphakathi.

UMnuz Zulu uthe kuphindwe kwanikezwa abantwana abangu 260 izijumbana ezine zixubho, amathawula kanye nensipho yokugeza.

Uqhube ngokubonga abaholi abasingathe lo mcimbi njenge menenja yakwa GM Future Africa Foundation uMnuz Mboniseni Sibisi, kanye nomphathi waseParks, Recreation and Culture kumasipala waseThekwini uMnuz Thembinkosi Ngcobo.

Uthe: “Ngithanda nokubonga iMeya yaKwaDukuza uMnuz Ricardo Mthembu kanye nonobhala we-ANCYL esifundeni iLembe uMnuz Lucky Makhathini ngendlela abayixhase ngayo inhlangano Izwi Lothando Home and Community Based Services,” kusho uMnuz Zulu.

Uthe le nhlangano yethule uhlelo oluzofundisa abantu abasha ukusebenzisana kanye nokuhlonipha izibopho umuntu azenzile.

Uthe lolu hlelo, igama lalo elithi ‘Keep Children Busy’, luhlose ukuthi abantu abasha bengabi omahlalela kodwa kube khona into abayenzayo ngesikhathi sama holide. Uthe kulolu hlelo abantu abasha batshale izithelo futhi kumele besebenzisane ukunisela amasimu.

Amalungu omphakathi noma osomabhizinisi abafisa ukulekelela Izwi Lothando Home and Community Based Services benga xhumana nosihlalo wale nhlangano uMnuz Phila Zulu enombolweni ethi 082 515 1701.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

6 myths about male cancer

It is important to be aware of the most prevalent cancer diseases amongst men in our country.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.