Inhlangano engenzi nzuzo Izwi Lothand bebambisene noMnyango wezaSekhaya bajabulele impumelelo yokutholela izikhamuzi esezikhulile omazisi ngenkathi zikwazi ukubhalisela ukuvota ngalempelesonto yokubhalisela ukuvota.
Laba ngabesifazane asebekhulile u Qondi Luthuli oneminyaka engu- 50 kanye nogogo Emmely Zulu yena oneminyaka engu 62 obekungokokuqala bethola omazisi (ID) ngonyaka odlule 2017 ngosizo lwenhlangano Izwi lothando.
“Babekade beziphilisa ngokuhambe befuna amatoho emajalidini bebaholele uR20 ngosuku manje lokho sekungumlando ngoba bathe uma bethola omazisi babhalisela impesheni yabadala kanye neyezingane zabo (Child support grant) manje impilo isingcono kakhulu kubona ,sikwenza konke lokhu ngenxa yokuthanda abantu ngokomyalelo kaNkulunkulu kanye nokuthanda Izwe lethu” kubeka uZulu.
Iningi lentsha engenabo abazali futhi ababengenabo omazisi kodwa ngokusizwa Izwi lothando ukuthi bebathole omazisi nayo ngonyaka odlule iphumile yayobhalisela ukuvota nayo.
Bathena nabo bajabula kahulu ukuthi begcine benabo omazisi emumveni kwesikhathi eside esingaphezulu kwamashumi amabili bezama ukuthi bethole omazisi kodwa kungalungi baze baphuthwa nayithuba lokufunda isikole kodwa bayajabula ukuthi bagcine sibebatholile omazisi manje sebejabulela nokuthi bazokwazi ukubamba iqhaza kuHulumeni wezwe nokubheka imisebenzi.