Ahlonyiswe ngolwazi amakomiti ezigceme eMandeni

2017-12-13 06:02

UMkhandlu kamasipala waseMandeni ngaphansi kobuholi bukaMeya Sphesihle Zulu ubenohlelo lokuhlinzeka nokuwacijwa kwamalunga amaKomiti ezigceme phecelezi (ward committees) ngolwazi olumayelana nezokuhanjiswa kwezidingongqangi kubantu nokuyisehlakalo esenzeke kusukela ngoMsombuluko wangomhlazingama 20 kuyakuLwesine lwangomhla zingama 23 kuLwezi nonyaka eSibusisiwe Hall eMandeni.

Ethula inkulumo yakhe yokuvala loluqeqesho uSomlomo woMkhandlu uMakhosazana Zungu nebihambisana nokunikezelwa kwezitifiketi kumalunga amaKomiti ezigceme ubonge wonke amalunga amaKomiti ezigceme abeyingxenye yaloluqeqesho kusukela luqala luze lufike ekupheleni, uphinde wadlulisa ukubonga kulabo ebebeqeqesha amalunga amaKomiti ezigceme abaziwa ngeMageza Project Management wathi uyethemba ukuthi kuningi okuzuzwe amaKomiti ezigceme kuloluqeqesho.

“Ukuhlonyiswa nokucijwa ngolwazi kwamaKomiti ezigceme kubaluleke kakhulu futhi kwenza umsebenzi woMkhandlu wokushintshwa kwezimpilo zabantu ubelula njengoba amalunga amaKomiti ezigceme kuyiwona ahlala emiphakathini kanti siyawagqugquzela ukuba azibandakanye nemihlangano yentuthuko edidiyelwe ngaso sonke isikhathi” usho kanje. Enkulumeni yakhe uSomlomo uphinde wabonga bonke labo abadlale indima enkulu ekutheni loluqeqesho lubeyimpumelelo, uphinde wathi ukucijwa kwamaKomiti ezigceme kuzoba wusizo olukhulu futhi kuzonciphisa nemibhikisho emiphakathi njengoba bemiselwe ukudlulisela izidingo zomphakathi eMkhandlwini.

Esephetha uthe uqeqesho olufuze lolu aluzukugcina kodwa luzoqhubeka njengoba amalunga amaKomiti ezigceme besazosebenza nawo iminyaka emihlanu bewuMkhandlu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.