Amaciko asafufusa endimeni yomculo nadabuka edolobheni laKwaDukuza endaweni yase Glenhills, asenxuse noma ubani Kwiziphathimandla zalendawo ukuba balule isandla ekufezekiseni amphupho awo kanye nokuthuthukiswa kwekhono.
Lezizinsizwa ezigqame ngomculo kaMaskandi Kanye nowokholo ngo Sanele Mngomezulu, we Thembalenkosi Gospel Group, uSimphiwe Dlamini owaziwa ngelika “Sketi seziNtombi” Kanye noNkanyiso “Maliyavuza” Nkwanyana bamaThongo Amahle. Lama qembu ngokwehlukana asenandise ezindaweni ezahlukene kulelidolobha kanye nezilakhele okubalwa neShakaskraal.
Ngokusho komholi weqembu iThembalenkosi bacela noma uliphi usizo kwiziphathimandla noma osomabhizinisi ekubeni belekelele amkhono asafufusa nasazama ukuzakhela igama kulelidolobha.
“Siqopha ngaphansi kweSmokolo Records futhi neqembu likamaskandi lona linalo icwecwe elisha elisanda kuphuma eliqoshwe kuyo lendawo. Seliyatholaka kanti linezingoma eziyi-12,” kubeka uMngomezulu.
Kuzokhumbuleka ukuthi umkhandlu walelidolobha mewenza imicimbi uyaye umeme amaciko endawo ukuba azonandisa ngaphambi kokuba kungena abaculi asebenegama endimeni yomculo. Lokhu sekwenze abaculi abasafufusa bathole ukuthakaswela ngabantu. Baphinde benxusa nomphakathi ukuba ubeseke lapho behamba benandisa khona nabafisa ukubaqasha emicimbini bengathintana nalezizinamba 076 369 0322 kanye no 079 700 5173.