Bafuna ukundlondlobalisa oweziNkondlo

2018-05-02 06:01
Amaciko emikhakha eyahlukene bezocobelelana ngolwazi kanye nokufukula umkhakha wezinkodlo kulelidolobha.

Amaciko emikhakha eyahlukene bezocobelelana ngolwazi kanye nokufukula umkhakha wezinkodlo kulelidolobha.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IKWADUKUZA Artist forum nokuyinhlanganisela yamaciko akhele lelidolobha namaphethelo isizibophezele ukufukula nokugqamisa umkhakha wezinkondlo ngenkathi behlangene nezimbongi ngeledlule.

Lelithimba livakashele lapho lezibongi zihlangana khona ngaphansi kwesiqubulo esithi “Poetry Thursday” nebanjelwa ezindlini zoMtapo wolwazi waKwaDukuza. Amaciko angaphansi kwaleNhlanganisela nabeholwa onguSihlalo uMnuz Apologize Bakaza nothe baye lapha ukuyobona umsebenzi omuhle owenziwa ilezimbongi.

“Kahle kahle sifuna ukusiza lendima yezokuHaywa kwezinkondlo ukuba iye phambili futhi indlondlobale, sifuna futhi baziwe njenga maciko njengayo yonke imikhakha esinayo ngaphathi kwe KwaDukuza Artists Forum, bekwazi nokumenyelwa emicimbini emikhulu enzelwa ezinkundleni ezivulekile hhayi emahholo kuphela,” kubeka uBakaza.

Kuloluhambo kube khona ukucobelelana ngolwazi kanye nokugqugquzelana nokukuthazana kwamaciko emikhakha eyahlukene kanti I “Poetry Thursday” yaqala ukuba khona ngonyaka owedlule kanti bahlele ukuba nendumezulu yomcimbi wezinkondlo wokuqala ozobe ubanjelwe ehholo laKwaDukuza mhla zi-28 kuNhlangulana nonyaka.

Abafuna ukwazi kabanzi nge KwaDukuza Artist Forum bengathintana no Mnuz Bakaza ku 0736864025 kanye no Percy the Poet ku 0732716920

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.