Bagubhe inyanga yabesifazane

2016-09-07 06:00
Inhlangano ezimele Izwi Lothando igubhe inyanga yabesifazane nabaholi kanye nabafundi bendawo. Kwesokunxele uSekela Nobhala wegatsha le-ANC eShakaville uMnuz Sbiliboco Khoza, uMnuz Mduduzi Dlamini, uKhansela Sdudla Mhlongo, uMiss eThekwini uNksz Nompumelelo Nkosi kanye noMnuz Phila Zulu. x

Inhlangano ezimele Izwi Lothando igubhe inyanga yabesifazane nabaholi kanye nabafundi bendawo. Kwesokunxele uSekela Nobhala wegatsha le-ANC eShakaville uMnuz Sbiliboco Khoza, uMnuz Mduduzi Dlamini, uKhansela Sdudla Mhlongo, uMiss eThekwini uNksz Nompumelelo Nkosi kanye noMnuz Phila Zulu. x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IZWI Lothando Home and Community Based Services okuyinhlangano engenzi nzuzo ihlele umcimbi wokujabulela inyanga yabantu besifazane.

Lo mcimbi ubusehholo lo mphakathi waseShakaville ngoLwesithathu oledlule.

Usihlalo wale nhlangano uMnuz Phila Zulu uthe: “Besikade sinabafundi besifazane abangenabo abazali abafunda Etshelenkosi High, Mavivane Primary, Eziphozethu Primary kanye nabaseMbozamo Primary School. Bonke labafundi banikezwe izinto zokuziphophotha kanye nezinto zokuthi bezisebenzise uma besezinsukwini zabo ukuze kuvikeleke isithunzi sabo kanye nokuzethemba kwabo ngoba abanye abafundi baze belove esikoleni uma besezinsukwini zabo ngoba bengenakho abazokusebenzisa,” kusho yena.

Isikhulumi sosuku okungumuntu wesifazane osemusha ozithobile futhi onekusasa eliqhakazile ongu-Miss eThekwini 2016 owenza izifundo zakhe zobudokotela eNyuvesi yaKwaZulu uNkosazana Nompumelelo Nkosi uyale abafundi wathi mabangazihlanganisi nezidakamizwa futhi bengazifaki ebudlelwaneni bozothando nabantu abadala, phecelezi ama blesser, ngoba bazokhulelwa bangenwe izifo bephume esikoleni kufe ikusasa labo.

Uqhube ngokuyala abantu abasha ngokuthi bengamkhohlwa uNkulunkulu kukho konke okuhle okwenzeka ezimpilweni zabo.

Uthe: “Thandaza ucele ukuthi uNkulunkunkulu akusize ufezekise amaphupho akho futhi ningakhohlwa ukuthi isinqumo osithatha namuhlanje sinomthelela kwikusasa lakho. Ngicela nifunde niphase ngiyanithanda kakhulu,” kusho uNksz Nkosi.

UNksz Mandy Makhanya naye ongumuntu wesifazane osemusha oyiphoyisa lomgwaqo KwaDukuza uyale abafundi ngobungozi bokusebenzisa izidakamizwa.

UNksz Makhanya uthe: “Bafundi ningasebenzisi izidakamizwa ngoba izidakamizwa zithikameza ukusebenza kwengqondo kanye nawo wonke nje umzimba, cabanga njengoba ninemizimba emihle kanje futhi uma uke wabanjwa nje uphethe izidakamizwa uzoboshwa bese kuba nzima ukuthola umsebenzi. Zingane zami ngiyanithanda ave nibalulekile,” kusho yena.

UMnuz Zulu utshele abafundi ukuthi bengakhohlwa ukuthi babalulekile emphakathini.

Uthe: “Bosisi nina niyizimbali zesizwe ngakho ke ngicela nifunde isikole ukuze nizophumelela empilweni, nidede kokubi nizihloniphe nina kuqala ukuze abantu bezonihloniphe njengoba niyizimbali zesizwe. Ukuze niphumelele ngicela niphile ngalezinsika ezintathu, imfundo, inhlonipho kanye noNkulunkulu,” kusho uMnuz Zulu.

Uthe imfundo ingasiza abantu abasha ukuthi bekwazi ukuvula iminyango eminingi empilweni kanti inhlonipho isiza ngokuthu umuntu aphile isikhathi eside ukuze akwazi ukufeza amaphupho akhe njengoba kusho nencwadi engcwele ukuthi izingane kumele zihloniphe abazali bazo.

Uthe: “UNkulunkulu uzofezekisa amaphupho akho akubusise aphinde akuqinise ezikhathini ezinzima empilweni ngoba okumele nikwazi futhi nikuqonde ukuthi akuhleli kumnandi empilweni ubunzima buyafika kodwa abuhlali isikhathi eside so uyamdinga kakhulu uNkulunkulu ngalezozikhathi. So zingane zami ngiyanithanda ngicela nizimisele esikoleni nifunde nihloniphe wonke umuntu,” kusho uMnuz Zulu.

Uqhube ngokubonga uKhansela Sdudla Mhlongo osuka kwihhovise likaSomlomo waKwaDukuza kanye nobuholi begatshe le-ANC eShakaville uMnuz Sbiliboco Dlamini abahambele lo mcimbi ngeledlule.
Abafisa ukuxhasa le nhlangano benga xhumana noMnuz Zulu enombolweni ethi 082 515 1701.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Men.24 Model of the Week: Wendy from Cape Town

Find out more about our featured model, Wendy from Cape Town

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.