Bahlomule ngenkulisa abaseNdwedwe

2018-07-18 06:01
PHOTO: Nkosinathi dubeIndana yendawo uFaya, Clive Wetherill, uGeraldine Jorgenson waseBallito Junction kanye noThandi Mnqayi onguthisha kuphendulwa isoyi.

PHOTO: Nkosinathi dubeIndana yendawo uFaya, Clive Wetherill, uGeraldine Jorgenson waseBallito Junction kanye noThandi Mnqayi onguthisha kuphendulwa isoyi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories


ABENKAMPANI engamele inxanxathela yezitolo iBallito Junction Regional Mall kanye nenhlangano ezibiza ngeBuild For Africa engenzi nzuzo babe nomcimbi wokuphendula isoyi leNkulisa iVukuzakhe enaweni yakuWard 7 eNdwedwe ngolesithahu zi-4 kuNtulikazi.

Loluhlelo lungolunye lwezinhlelo zalenhlangano ye Build for Africa ezenza ezindaweni ezahlukene zakuleli zokusiza abahlwempu nggokunikezela ngosizo olunqala emfundweni yezingane ezisencane nabagxile kakhulu kuyo ezindaweni zasemakhaya.

Ongumpathi weBallito Junction uGeraldine Jargesen uthe bajabule ukuba yingxenye yaloluhlelo lokusiza umphakathi.

“Sijabule kakhulu ukuqala kokwakha lenkulisa. Enkutshaleni kwethu imali ekwakheni lesisakhiwo esizoba ngusizo olukhulu ebantwaneni futhi sizoba neqhaza elikhulu ekwakheni ikusasa eliqhakazile emphakathini nokwakha isissekelo emfundweni yabantwana bendawo kanye nabazala ukuba balethe abantwani kulesi sakhiwo,” usho kanje

Abaphathi beBallito Regional Mall ngokohlelo labo lokusiza umphakathi (CSI) banqume ukuzibandakanya kanye naloluhlelo oluqalwe nguMnuz Clive Wetherill kanye nomsizi wakhe ekutheni bezibphezele ukusiza abantwana ukuba babe nendawo eyinkulisa esemgangathweni.

IBuild the Future isibe ingxenye yokwakhiwa kwezikole ezimbili endaweni yaseNdwedwe koda ngowezi 2017 esinye savalwa ngenxa yokuthi omunye wabanikazi ababesebezisa umuzi wakhe wabuyela kuzohlala kuwo. Lokho kube sekuphqa ukube bakhe ixhokovane lodaka ukuze izingane ziqhubeke nokufunda.

UClive Wetherill yena uthe wafika klendawo engazelwelwe muntu wathathwa isim ababefundi ngaphansi kwaso abantwana.

“Abantwana bebefunda kwindlu engu rawondi koda kwahamba kwahamba baphucwa yona sabe sesakha indlwana yodaka yesikhashana nalapho savakashelwa ngomunye wabaphathi baseBallito Junction nowabona lolusiza kwasho ukuthi bafuna abantui abazobasiz njengengxenye yemisebenzi yab yemiphakathi nengicabanga ukuthi kwaqondana,” kubeka uWetherill.

Isakhiwo esisha sizothatha izinyanga nje ezimbalwa ukwakhiwa njengba kulindeleke abantwana abalinganiselwa ku-25. Kuzophinde kutholakale izinto zokudlala, ihhovisi lenduna yendawo nelizoqinisekisa ukuphepha kwezingane njalo njalo.

Esekusele ukuba uMaspala waseNdwedwe uphasise lesakhiwo njenjoba abaphahi balenxanxathela yalezitolo iManlyn Maine Investments isiyikhiphile imali yokuqala lenkulisa njengoba nomhlaba ezokwakhiwa kuwo usudedelwe Inkosi yendawo nabe Ngonyama Trust.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.