Bahlonyiswe ngolwazi abemboni yamatekisi esifundeni seLembe

2017-11-01 06:01
Abemboni yamatekisi esifundeni seLembe bezocobelelwa ngolwazi ngabakwaSANTACO no KZNTCC.

Abemboni yamatekisi esifundeni seLembe bezocobelelwa ngolwazi ngabakwaSANTACO no KZNTCC.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KULOKOZA inhlansi yethemba mayelana nokusebenza kwemboni yamatekisi esiFundeni iLembe. Lokhu kulandela uhlelo lokuhlomisa nokufundisa abaphathi bemboni yamatekisi ngolwazi emhlanganweni obubanjelwe ehholo lomphakathi iSibusisiwe Hall, eMandeni mhlazi-5 kuMfumfu (October).

Ngokusho kukaMnu Zama Zincume obevela ngaphansi kwenhlangano eqokelwe ukuqeqesha abamatekisi iKZNTCC Training Academy, nobefundisa abemboni yamatekisi kulomhlangano uthe loluqeqesho selokhu lwaqalwa mhla zi-12 kuMandulo (September), kanti kuhloswe ngalo ukufundisa kuphinde kuhlonyiswe izikhulu nabaphathi embonini yamatekisi ngolwazi ukuze bazi kabanzi ukuthi lemboni isebenza kanjani baphinde bazi ukuthi yini elindeleke kubona.

Enkulumweni yakhe uZincume ukuvezile ukuthi loluqeqesho luhlelwe yinkamapani yamatekisi kwaZulu-Natali neyaziwa ngeSANTACO.

“Sinethemba lokuthi lolulwazi luzosiza ekutheni kubenokuthula kuthina sonke osomatekisi nokuthi loyo osuke eqokelwe isikhundla sokuba ngusihlalo kasoseshini kumele asebenze ngokubambisana nesekela lakhe kungabibikho ukukwebhana,” kubeka uZincume.

Phakathi kososeshini ababe yingxenye yaloluqeqesho singabala iMandeni, Sundumbili, Stanger (kwaDukuza), yiDolphin Coast, Sqalokuhle yasoThongathi, iNembe, Macambini, Kanye neGlenhills Taxi Association.

Esephetha uZincume uthe abazukugcina ngesiFunda seLembe kodwa basazoqhubekela kwezinye izifunda ezibalelwa ema-32 ezakhele isifundazwe sonkana.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.