Bamashele esisolwa ngokudayisa ukudla okubolile kwaMaphumulo

2018-02-21 06:02
PHOTO: nkosinathi dubeIzinkumbi zamalunga kaANCYL kuGreater KwaDukuza Region emashela isitolo sakwaSpar kaMaphulo.

PHOTO: nkosinathi dubeIzinkumbi zamalunga kaANCYL kuGreater KwaDukuza Region emashela isitolo sakwaSpar kaMaphulo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Amalunga entsha kaKhongolose ngaphansi kwesifunda I Greater KwaDukuza angene emgaqweni bemashela izikhalo abanazo ngesitolo uSpar kwaMaphumulo ngolesihlanu zi-9 kuMasingana.

Izinkulungwane zamalunga alenhlangano ebezivela ezindaweni ezahlukene kulesisifunda saKwaDukuza ahlangane endaweni yakwaTshobho ngaphambi kokuba alibangise kulesi sitolo esisenkabeni yedolobha kwaMaphu- mulo.

Lemashi ibiholwa yilowo ongusihlalo waloluphiko esifundazweni uKwazi Mshengu.

Phakathi kwezikhalo ebebeyozidlulisa kubalwa ukudayiswa kwempahla engekho emgangathweni yilesi sitolo, ukuxhashazwa kwabasebenzi, ukungawulekeleli ngalutho umphakathi yilenkampani kanye nokuholela abasenzi ngemali encane.

Ekhuluma nentsha kulemashi usihlalo wololuphiko esifundazweni uKwazi Mshengu uthe angeke bavumele isithuunzi somuntu omnyama sidicilelwe phansi.

“Siyintsha siwuqonda kahle umzabalazo esibhekene nawo lowomzabalazo ngowokuvikela isithunzi somuntu omnyama ngalokhu sithi silindi abaphathi bakaSpar bazisukumele phezulu lezizikhalo zethu, uma behluleka kwenza lokho ngeke sigcine kphela ngokuqhanqalaza kepha sokhempa phakathi kwaso isitolo,” kubeka uMshengu.

Ubuholi baloluphiko lube selufuna ukuba abaphati noma abanikazi besitolo kube ibona abaziokhuluma nabo mayelana nelezikhalo abazilethile futhi baphinde bazibophezele ukuba bazozilungisa. Kodwake lokho akuzange kwenzeke njengoba uhlu lwezikhalo lugcina lwamukelwe omunye wezisebenzi zalenkampani.

Efunda uhlu lwezikhalo loyo unguNobhalo weANCYL kulesifunda uMusa Zondi uthe beyintsha yase Greater Kwadukuza emveni kokuzwa izikhalo eziphindiwe emphakathini othenga kwaSpar sebethathe isinqumo esiphusilo sokuzwelana nabatu ekutheni bebhekane nqo nomsuka wenkinga yabo.

“Silapha nje sonke ukuzothula izikhalo nokucikeka kwabantu bakwaMaphumulo wonkana esekwiyiminyaka bexhasa lesistolo ngezimali zabo ezisetshenzwe kanzima. Siyi ANCYL KwaDukuza sifuna abaphathi bakwSpar basukumele zonke lezikhalo esizenazo ezinsukwini ezingevile kwezi-31,” usho kanje.

Kuke kwasuka esinamthambo ngenkathi iqulu lababemasha bevuka indlobane befuna ukuzingenela kulesisitolo nokuholele ekutheni batholane namaphoyisa nabahlakaze ngesisi esikhalisa unyembezi.

Kusize ukubakhona kwabaholi baloluphiko nabahlenge isimo, abesitolo bebengakaphawuli ngomonakalo odalekile nkathi kuhiliziswana..

Abaphathi besitolo bagcine belamukela futhi balusayinda uhlu lwezikhalo bathembisa ukuxazulula ezinye zezinkinga ezinsukwini ezi-7 koda phakathi kwakho lokho bazoba nomhlangano nabanikazi besitolo kanye ne REC ye ANC.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.