Baphakamise uMthembu kwabaya esiShayamthetho

2018-11-21 06:00
isithombe: suppliedIyavuthwa indlela eya ephalamende lesifundazwe kusodolobha waKwaDukuza uRicardo Mthembu

isithombe: suppliedIyavuthwa indlela eya ephalamende lesifundazwe kusodolobha waKwaDukuza uRicardo Mthembu

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGA enhlangano ebusayo i- African National Congress (ANC) egatsheni lase D.R Sbiya babenomhlangano (BGM)wokuphakamisa amagama alabo abazoya ephalamende lesifundazwe ngeSonto zili-11 kuLwezi( November).

Leligantsha livumelene ngo elethu emagameni alabo abafuna eyobamela esiShayamthetho sesifundazwe nobekuhamba phambili igama lalowo obengusihlalo we-ANC esifundeni i-General Gizenga Mpanza nonguSodolobha waKwaDukuza uMnu Ricardo Mthembu.

Kuzokhumbuleka ukuba uMnu Mthembu usanda kuqokelwa kuboholi obuphezulu besifundazwe (PEC) nokwenza wehla esikhundleni sokuba ngusihlalo walesi sifunda.

Amanye amagama aveleli kubalwa nalowo obenguSodolobha weLembe uWelcome Mdabe kanye no Sihle Zikalala naye osuka kuso lesisifunda. Lona kube umbone ovele cishe kowo wonke amagatsha aKwaDukuza alenhlangano.

Leli gatsha liphinde lizwakalise ukuba selikulungele ukubuya emandleni njengoba kubhekwe nasokhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo futhi bazimisele ukusebenzisana nalabo asebaziqhelelanisa neqembu ukuze kube nobumbano emphakathini.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.