Baqwashise intsha ngezidakamizwa

2017-04-05 06:04

INHLANGANO ezimele, engenzi inzuzo i-Life Style Culture ibe nomkhankaso wokuqwashisa intsha ngobubi bokusebenzisa izidakamizwa.

Lomkhankaso, ophethe ngomcintiswano webhola lezinyawo, ububanjelwe eShombela enkundleni yezemidlalo ngoMgqibelo, ngomhla ka-25 kuNdasa (March).

Usihlalo walenhlangano, uMnu. Vukani Mkhize uthe izikhulumi ebezivela kwiminyango kahulumeni eyahlukahlukene kanye nezinye izinhlaka zomphakathi zethule izinkulumo ebezixwayisa abantu abasha ngobungozi bokusebenzisa izidakamizwa.

Uthe: “Njenge nhlangano sifisa ukudlulisa amazwi okubonga kuMnu. Sam Zwane obevela kuMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi, u-Constable Mtshali obekhulumela amaphoyisa aKwaDukuza kanye noNksz Zama Makhanya ongusihlalo we-youth desk emaphoyiseni. Sifisa nokubonga uMnu. Qiniso Khumalo kanye noMnu. Fedric Madondo abekade bemele i-mission yaKwasizabantu,” kusho uMnu. Mkhize.

Uqhube ngokubonga uxhaso olufakwe i-Melville Auto Panel kanye neZama Zama Konke olwenze ukuthi lomkhankaso ubeyimpumelelo.

Iqembu eliwine umncintiswano webhola lezinyawo iShombela Stars eklomele ngemali engu-R1000, ngokusho kuka Mnu. Mkhize.

Uthe: “Njenge nhlangano sibone kubalulekile ukuthi lomkhankaso ubenemidlalo ukuze abantu abasha bezogqugquzeleka ukuthi nabo bebe yingxenye yezemidlalo ukuze bengabi naso isikhathi sokuwela ebungozini bokusebenzisa izidakamizwa,” kusho Mnu. Mkhize.

UMnu. Mkhize uthe lenhlangano isungulwe nguyena, kanye  noMnu. Vuyani Mqwebu kanye noMnu. Sabelo Mthembu ngoba befisa  ukuthuthukisa umphakathi futhi begqugquzele abantu abasha ukuba bephile izimpilo ezincono.

Osomabhizini abafisa ukuxhasa lenhlangano kanye namalungu omphakathi benga xhumana noMnu. Mkhize enombolweni ethi 078 429 2349 noma kwi-email ethi lifestyleculture@yahoo.com.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.