Bathweswe iziqu asebelungele isikole

2016-12-07 06:01
Inkulisa iSinothando ithwese abafundi bayo iziqu.  Isithombe: Sithunyelwe

Inkulisa iSinothando ithwese abafundi bayo iziqu. Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INKULISA iSinothando, ezinze ehholo lo mphakathi waseShakashead, ku-Ward 4, imbe nomcimbi wokwethweswa abafundi iziqu.

Le nkulisa ithwese abafundi abangu-32 iziqu okuyibona esebelungele ukuya esikoleni.

Lo mcimbi ubungomhla ka-2 kuZibandlela (December) ehholo lo mphakathi waseShakashead.

Umphathi wale nkulisa, uNks Sthembile Makhanya uthe: “Sidlulisa ukubonga okukhulu kuzihambeli zethu ebezikhona okungu Fatima Maseko ovela kwa-DSD, uGugu obevela kwamasipala waKwaDukuza kanye neKhansela le ndawo uMlamuli Ndlela,” kusho yena.

Uqhube wathi abazali kanye nabantwana baluthokozele kakhulu lolusuku babonga nothisha bakule nkulisa ngeqhaza abalenzile ekufundiseni abantwana.

UNks. Makhanya unxuse amalungu omphakathi nosomabhizinisi ukuba balekelele le nkulisa nganoma yini abangakwazi ukulekelela ngayo.

Uthe: “Sicela nabangakwazi ukulekelela kulesi sikole ngezinsiza kusebenza besondele ngaphambili isikole sivulwa ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu phakathi kuka 7am kuya ku-3pm,” kusho uNks Makhanya.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.