Bazimisele ngikuqhakambisa umkhakha wezamafilimu KwaDukuza

2018-01-31 06:01
PHOTO: nkosinathi dubeIthimba lamalingisi nabaphathi be Easymiso Films ezinze KwaDukuza nabasanda kukhipha ifilimu esihloko esithi Nomalanga.

PHOTO: nkosinathi dubeIthimba lamalingisi nabaphathi be Easymiso Films ezinze KwaDukuza nabasanda kukhipha ifilimu esihloko esithi Nomalanga.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Abenzi bemidlalo yamafilimu abasafufusa abazinze KwaDukuza nabasanda kukhipha ifilimu yabo yokuqala ngaphansi kwenkampani I EasyMiso Films kanye ne Siphithemba Projects bazimisele ukufukula lomkhakha kulelidolobhakazi nezindawo ezilakhele kepha basazithola bebhekene nezingqinamba zokwentula uxhasho nezinsiza kusebenza.

I Easymiso Films nokuyigama inkampani yabo esebenza ngaphansi kwalo yasungulwa ngowe -2009 futhi yenza imisebenzi eminingi ekubalwa kuyo ekuqopha amafilimu ,ukuhlela nokuphatha imicimbi kanye namavideo omculo ohlukahlukene. Yize lamaciko anekhono elimangalisayo kulenkampani ehlanganisa uSimiso Zungu, Zethu Dube, Sabelo Mwandla kanye noSthembiso Khumalo koda basashoda ngezinsiza kusebenza, naphezu kwalokho koda akwazile ukukhiqiza ifilimu yabo eqoshwe khona la KwaDukuza ebizwa nge “Impilo kaNomalanga”.

Ngokuka Zethu Dube nongumkhulumeli walenkampani uthe lefilimi ithola ukwamukelwa okuyisimanga futhi isiyatholakala ezitolo ezikhethiwe kuleli dolobha.

“iNgqikikhi yeFilimu ikhuluma ngentombazanyana (Nomalanga) oshiya ikhaya eyocinga ubaba omzalayo nosekwaphela isikhathi eside wahamba ekhaya, kodwa ke loluhambo luhlangabezana nezinqinamba ngengoba izinto zingahambi ngokwezinhlelo zakhe njengoba ezithola esemuseni kamama ozwana noyise ongamzali nowenza impilo yakhe ibe nzima,” kubeka uDube Wonke lomsebenzi abawenzayo bawenze ngemali ephuma emaphaketheni abo njengoba sebenxenxe iziphathimandla okungaba osomabhizinisi noma uhulumeni ukuba angenelele ngoxhaso lwezinsiza kusebenza neminikelo nangokwezimali njengoba lomkhakha undinga imali.

“Umbono nephupho lethu ukulula isandla sifinyelela entsheni yaKwaDukuza ngalawo mazwi sinxenxa yonke intsha yalelidolobha enesifiso nentshisekelo yokulingisa ixhumane nathi ukuze sizovundulula amakhono abo njengoba sibheke ukubeka ezikaqedisizungu KwaDukuza ebalazweni,” usho kanje.

LeFilimu “IMPILO KANOMALANGA” isiyatholakala kuDVD kanti abantu bengayithola ngoR100 ezitolo ezikhethekile. Kunanezinhlelo zokuhambela amalokishi ahlukene KwaDukuza bekhangisa lefilimu kanti abafuna ukubaqasha bangasheyela lenombolo ethi 063 349 9128.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.