Bazokhombisa ngemidwebo eLuthuli Museum

2018-10-17 06:04
USphesihle Mbatha neminye yemidwebo yakhe ezobe ikulombukisoisithombe: sithunyelwe

USphesihle Mbatha neminye yemidwebo yakhe ezobe ikulombukisoisithombe: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INKAMPANI esafafusa egxile kwezemibukiso yemidwebo i-The Artbook Inc ihlele indumezulu yombukiso endaweni yokugcina kwamagugu iLuthuli Musuem mhlaka-8 kuZibandlela (December)

Lankampani ephethwe ngabantu abasha izobe intshengisa ngemidwebo eyenziwa ngelinye lamaCiko akhula ngesivinini uSphesihle Mbatha (24) nodabuka kaMhlabuyalingana kodwa wakhulela eLadysmith maphakathi nalesisifundazwe.

Lomdwebi wenze izifundo zobuthisha e-Durban University of Technology nokuthe ngonyaka wezi-2016 waba nethuba lokudweba umdwebo omkhulukazi emhlabeni nokwabe kwakungokalowo owayengumongameli wakuleli uDkt Nelson Mandela nokwamuthatha izinsuku ezili-67.

Umfo kaMbatha uke wabhala incwadi engashicilelwanga esihloko sithi

“The Power of being yourself” ukuhambisana nemidwebo yakhe.

Ngokusho kukaMelukuthula Mkhuma ongumsunguli we-Artbook Inc uthe lomcimbi kuzobe kukhonjiswa umsebenzi waMbatha kuphela.

“ Lo mcimbi wakulo nyaka wesekwe iLuthuli Museum kanti futhi uzobe ubheke ukuqala umkhankaso nokulwa nokuhlukumeza kwabesifazane kanye nezingane,” ubeke kanje.

Ngalo lolusuku kuyobe kuthulwa ngokusemthethweni lenkampani.

Mayelana neminye imininingwane kungathintwana : 063 119 4688.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.