I-Tongaat Hullet igubhe olwentsha ngemidlalo

2018-07-11 06:01
PHOTO: SUPPLIEDIqembu laseMacambini elidle umhlanganiso emidlalweni ebixhaswe abakwaTongaat Hullet.

PHOTO: SUPPLIEDIqembu laseMacambini elidle umhlanganiso emidlalweni ebixhaswe abakwaTongaat Hullet.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUGQAME ukunanela kwezihlwele nezitayela emcimbini wakulo nyaka wesikhombisa woSuku lwezemiDlalo lwaseMacambini, ngaseMandeni, oGwini oluseNyakatho, ngoSuku lweNtsha.

I-Tongaat Hulett, ngokuhlanganyela neSimamisa nemikhandlu yezizwe emine eyakhele isigayo saseMatikulu, ibihlele imidlalo ukukhuthaza intuthuko nobunye entsheni ehlwempu yasemakhaya.

Ohlelweni losuku bekunemidlalo yebhola lezinyawo nelomnqakiswano lika-Under 13 nelika-Under 17. Bekunezinkumbi zabantu nabathandi bezemidlalo abavela kweseNkosi uNzuza, Inkosi uMhlongo, Inkosi uMathaba neNkosi uNkosi, bonke baseGingindlovu.

Umdlalo wesihle phakathi kwe-Owen Sitole College neqembu laseDodokweni iKnockers, edlala kwiSuper League, ukhange izihlwele ngaphambi komdlalo wamanqamu obubhekwe ngabomvu.

Bekhona bekunokaputeni weThongathi FC, edlala kwiNFD, uSiphamandla Mtolo.

Umqeqeshi weMacambini Junior Aces uNkosinathi Ndlovu ukuthokozele ukunqoba kwabo kwesihlanu kulandelana.

Uthe: “Saqala siyiqembu lika-U13 kanti sesiwine kulandelana kwaze kwaba kasihlanu. Sidlala kwiSuper League, ngakho siziqeqesha izinsuku ezinhlanu ngesonto ngaphambi kwemidlalo yethu,” kubeka uNdlovu

Omele umKhandlu wesiZwe saseMacambini Tribal Council uMtha Ndlovu uthe ujabulile ngendlela izinto ezenzeke ngayo nomphumela entsheni.

“Ngenkathi sithintwa yiTongaat Hulett neSimamisa ngalo mkhankaso, sasazi ukuthi uzoletha ushintsho olukhulu entsheni yakithi nokuthi uzothuthukisa amakhono. Sifisa ukubonga imikhandlu yezizwe ehlukene, iTongaat Hulett neSimamisa,” kusho uNdlovu.

Inkundla okudlalelwa kuyo imidlalo yaminyaka yonke yakhiwa yiTongaat Hulett, ngokubambisana neSimamisa, ngemifelandawonye yezizwe zozine, ngo-R1.2 million.

UMuzi Ninela, iMenenja Jikelele yesigayo saseMatikulu, uthe lokhu kubambisana phakathi kweTongaat Hulett nemikhandlu yezizwe ezakhele indawo kuqinise ubudlelwano phakathi kwesigayo nezinhlaka zobuholi bendawo. Umphakathi wazi konke okwenzekayo futhi uneqhaza lokubhalwa kohlaka lwezinhlelo zokuthuthukiswa komphakathi.

Imenenja yezeNhlalo nezoMnotho, uNkonzo Mhlongo, ithe uSuku lwezemiDlalo lunike intsha yendawo ithuba lokuthuthukisa ikhono lokudlala nelokutholwa ngabaqeqeshi bamaqembu ePremier Soccer League (iPSL).

Uthe: “Eminyakeni emibili edlule, samema abaqeqeshi bamaqembu ePSL, okubalwa kubo uMandla Ncikazi, ukuthi babe khona kulo mcimbi, bezohlwaya abadlali.

“Ngo-2014, kunebhungu laseMacambini, uSiphelele Magubane, elaqokwa wuNcikazi.

“UMagubane manje usedlalela iGolden Arrows. NgoNhlangulana uhlonishwe ngegoli elivelele lesizini emiklomelweni yePSL. Inhloso wukuthi labo abanethalente babonwe ngamaqembu amakhulu, badlale ibhola elikhokhelwayo,” kusho yena.

IMI KANJE IMIPHUMELA YEMIDLALO EHLUKENE:

Ibhola lika-Under 13

EsakwaMhlongo 2 esakwaNzuza TC 1

EsaMacambini 0 nesakwaMhlongo 0 (kowamanqamu)

EsaseMacambini sawina ngo 5-4 kumaphenathi

Elomnqakiswano ku-Under 13

EsakwaNzuza 1 esakwaMhlongo 28

EsakwaKhoza 2 esakwaMhlongo 18

EsaseMacambini 8 nesakwaMhlongo 12 (kowamanqamu)

Owokubhula amazolo

I-Owen Sitole 1 neReal Knockers 1

I-Owen Sitole yawina ngo 5-4 sekushaywa amaphenathi

Under 17- Soccer

IMacambini Junior Aces 4 esakwaMhlongo 0

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.