Ibandla linikele ngendlu kwisaguga

2018-11-21 06:00
ISITHOMBE: nkosinathi dubeAmalunga ebandla lamaweseli endaweni yaseQabavu ezonikezele ngokusemthweni Indlu emndenini wakwaMtshali.

ISITHOMBE: nkosinathi dubeAmalunga ebandla lamaweseli endaweni yaseQabavu ezonikezele ngokusemthweni Indlu emndenini wakwaMtshali.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IBANDLA lamaWeseli iMethodist Church egatsheni iDabangu laseQabavu eMthandeni linikele ngokusemthethweni indlu eliyakhele ugogo osemdala nobehlala endlini edilikayo ngoMqibelo mhla zili -10 kuLwezi( November).

Lesaguga ogama laso kunguNkk Nomthandazo Mtshali (78) nokhonza kulo lelibandla usehlale isikhathi eside endlini edilikayo neyakhiwe ngodaka nobekwenza engaphephi. Amalunga omphakathi kanye nawebandla abe eselubona usizi ugogo abhekene nalo nesimo ahlala ngaphansi kwaso kanye nabazukulu bakhe angenelela ekubeni kuhlanganiswe izimali kwakhelwe lomndeni. Ezibongela uNkz Mtshali kulomcimbi uveze ukuba akanawo namazwi angabonga ngawo ibandla ngomusa abawutshengisile ngokubona isimo ebehlala kuso.

“ Namuhla ngigcwele injabulo engingeke nhikwazi ukuyichaza nokuthi kusakhona abantu abaphilayo emhlabeni konke lokhu bengeke ngikwazi ukukwenza ngawami amandla njengoba ngiphila ngempesheni,” echaza.

Kuwo lomcimbi kuvele ukuba uNkz Mtshali weqiwa ohlelweni lwezindlu zikaHulumeni pheceleza I RDP kanti futhi nakuba sebezame kaningana ukukhuluma nekhansela lendawo kwanhlanga zimuka nomoya.

Kuphinde kwanikelwa ngempahla yasendlini kanye nokudla ebekuhambisana nemali yokusiza lomndeni ekuthengeni ugesi kanye nezinye izidingo ebiphuma kumalunga ebandla ahlukene.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.