Idinga uxhaso inkulisa yasoHlange

2018-11-14 06:00
UNkz Thelma Luthuli kanye nabantwana abafundisayo eSinethemba Creche.

UNkz Thelma Luthuli kanye nabantwana abafundisayo eSinethemba Creche.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INKULISA enakekela ephinde ifundisa abantwana abasebancane yasendaweni yasoHlange eDoornkop iSinethemba Creche isizwakalise ukuba intula izinsiza necela ukuba iminyango kahulumeni ingenelele ngokuyifukula.

Lenkulisa ephethwe nguNkz Thelma Luthuli inakekela abantwana abaneminyaka esuka kwemithathu kuya kweyisithupha nebalungisela ukuba beyongena isikole samabanga aphansi. Iqale ukusebenza ngonyaka we-2012 kanti uLuthuli nguye ozibambele mathupha kulenkulisa nosezame kaningani ukuthola usizo emnyangweni kahulumeni koda kungekho ukusizakala.

“Okwamanje ngisebenzela ekhaya lami kanti futhi azikho izinsiza ezisesimweni kanti koshoda nezinto zokufunda nokubhala kanye nezokudlala.

Okunye okuyinqinamba ukuthi sisendaweni yasemakhaya kanti nabazali bathembele emalini yesibonelelo esinganele njengoba bondla imindeni yingakho sinxusa nanoma usizo ukuze abantwana bethole imfundo yabo yokuqala,” ubeke kanje. Enye yezinselelo ezikulenkulisa udaba lohlelo lokudla kwabantwana njengba abanye bebuye bengakuphathi ukudla kuphoqeleke befunde belambile. “Bekuhlezi kuyintshisekeo yami ukusiza umphakathi ikakhulukazi izingane njengobba ngikholelwa ukuthi uma usiza abantwana usiza ekwakheni isizwe esijabulile kanti singajabula lomyalezo wethu uma ungafinyelela ezindlebeni ezifanele. Abafisa ukusiza bangashayela uNkz N.T Luthuli kulenombolo ethi 072 711 9457 noma 083 757 3348.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.