IMeya yomkhandlu waKwaMaphumulo nezinhlelo zentuthuko

2017-11-01 06:01
Imeya yomkhandlu waKwaMaphumulo uZibuyisele Khuzwayo-Dlamini ethulela abezindaba ngezinhlelo zikamasipala kanye nabesekufezile.PHOTO: NKOSINATHI DUBE

Imeya yomkhandlu waKwaMaphumulo uZibuyisele Khuzwayo-Dlamini ethulela abezindaba ngezinhlelo zikamasipala kanye nabesekufezile.PHOTO: NKOSINATHI DUBE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMKHANDLU kaMaspala wakwaMaphumulo uholwa usodolobha uNksz Zibuyisele Khuzwayo-Dlamini ubambe isithangami sabezindaba ukuzobika ngenqubekela phambili yezinhlelo zentuthuko zalomkhandlu emahhovisi awo ngoLwesithathu zi-11 kuMfumfu (October).

Inhloso yalesisithangami bekuwukuqhakambisa imisebenzi kamaspala emphakathini kusukela okhethweni lwangonyaka ophelile. Lokhu kuhambisana kanye noMfumfu njengoba uyinyanga yokulethwa kwentuthuko kubantu.

UNkz Khuzwayo-Dlamini uthe noma abakuzuzayo njengomkhandlu kuncishiswe izinqinammba ababhekana nazo, bazimisele ukufeza imigomo abazibekela yona.

“Izindawo esigxile kakhulu kuzo ukudala amathuba omsebenzi, ingaqalasizinda, ukuxoshwa kwekati eziko, kanye nokufukulwa kwezomnotho kubantu bakithi. Okubuye kube yizinqinamba ukuthi sithole lomkhandlu ungekho esimweni, okuyinto esisayilungisa. Siyaqinisekisa ukuthi siyaziletha izidingo ezinqala kubantu bakithi,” Kubeka uKhuzwayo –Dlamini.

Lomkhandlu usanda kugcwalisa izikhala ezisemqoka ebese kunesikhathi zingenamuntu okubalwa esomphathi kamaspala, umphathi omkhulu wezimali kanye nezinye. Kuphinde kwaqiniswa kwimikhankaso yokuthuthukisa intsha okuyinto umasipala ayiqhakambisa kakhulu lapho kunabantu abasha abangama-22 abasizwe ekutholeni izincwadi zokushayela.

Umeya uqhubeke wathi umkhandlu wabo uthembele kwisibonelelo sikahulumeni njengoba nezinsiza kusebenza zingabonwa kodwa bayakuqinisekisa ukuthi bayaziletha izidingo emphakathini.

“Kulezi zikhathi ezinzima zokuzika komnotho, sikwazile ukudala amathuba omsebenzi angama-66 ngokohlelo lwe EPWP, okuwuhlelo oluze nohulmeni kazwelonke kanye nowesifundazwe. Nesisebenzisana nayo ngokubambisana ukuqinisekisa kuthi bayawathola amathuba abantu,” kuqhuba yena belu uKhuzwayo-Dlamini.

Kunemisebenzi yalomasipala elinganiselwa kweyishumi yengqalasizinda esiqediwe yanikezelwa emphakathini, okubalwa kuyo amahholo emphakathi ayisishiyagalombili, inkundla yezemidlalo kanye nomgwaqo endaweni yaseMambulu.

Umeya buye wadalula futhi nokuthi kunezinhlelo zokufakwa kukagesi emawadini amane njengoba amabili kulendawo kusanda kuphothulwa ukufakwa kwawo kwazise bezingakaze zibe nogesi kwasekuqaleni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.