Inhlangano icela uxhaso

2016-01-27 06:00
ISITHOMBE: MAKHOSANDILE ZULU UNkk Slindile Majola, othole umnikelo womfaniswano ophuma kwinhlangano Izwi Lothando nosihlalo wale nhlangano uMnuz Phila Zulu kanye nelungu layo uNkk Smangele Mbatha. 

ISITHOMBE: MAKHOSANDILE ZULU UNkk Slindile Majola, othole umnikelo womfaniswano ophuma kwinhlangano Izwi Lothando nosihlalo wale nhlangano uMnuz Phila Zulu kanye nelungu layo uNkk Smangele Mbatha. 

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO ebizwa ngokuthi Izwi Lothando Home and Community Based Services, okuyinhlangano eyasungulwa ngenhloso yokulekelela imndeni ehlwempu, eholwa uMnuz Phila Zulu, inxusa amalungu omphakathi , osomabhizinisi nezinhlangano eza hlukahlukene ukuba bayilekelele njengoba inohlelo lokulekelela abafundi besikole abadinga umfaniswano.

UMnuz Zulu uthe le nhlangano ikwaze ukulekelela abafundi abane abahlala eNtshawini abekade bedinga umfaniswano.

Uqhube wathi iningi labafundi abathole umfaniswano bazalwa emndenini ehlwempu noma bayizintandane.

Uthe: “Inhlangano yethu ithembele kakhulu kumnikelo okhishwa amalungu ayo, yingakho sinxusa abantu ukuthi besilekelele ukuze sizokwazi ukuqhubeka nomsebenzi wethu wokulekelela imndeni ehlwempu,” kusho uMnuz Zulu.

Uthe amalungu omphakathi kanye nosomabhizinisi benganikela ngezimpahla ezindala, ukudla noma nayini enye engaba usizo kubantu abantulayo.

Omunye wabafundi abathole umfaniswano, uNkk Slindile Majola, oneminyaka engu-19 ofunda ibanga leshumi e-Inkosi Albert Secondary School, uthe ubengazi ukuthi uzowuthola kanjani umfaniswano njengoba engahlali nabazali bakhe.

Uthe: “Ngiyabonga kakhulu kubhuti uPhila nenhlangano yakhe ngoba akekho umuntu obengangisiza,” kusho uNkk Majola.

UNkk Smangele Mbatha, oyilungu le nhlangano, uthe abaqali ukulekelela uNkk Majola njengoba ngesikhathi edinga isitifiketi sokuzalwa nomazisi Izwi Lothando lamusiza kakhulu.

Uthe: “Angeke sigcine ngokuthi sithengele uSlindile umfaniswano nje kuphele, sizoqhubeka nokumulekelela aze aqede isikole,” kusho uNkk Mbatha.

Omunye umfundi othole umfaniswano omusha uNkk Nosiphiwo Ngcamu, oneminyaka engu-13 ofunda ibanga llesikhombisa eNkukhwini Primary School.

Umama kaNosiphiwo, uNkk Zandile Ngcamu uthe: “Besekunzima ngoba umfaniswano kaNosiphiwo ubusuthungwa njalo ngenxa yokuguga. Ngibonga khona ukuthi kukhona inhlangano efana neZwi Lothando othi uma ukhala ucela usizo isheshe iphendule,” kusho yena.

Uma kukhona amalungu omphakathi noma osomabhizinisi abafisa ukulekelela Izwi Lothando Home and Community Based Services bengaxhumana nosihlalo wale nhlangano uMnuz Phila Zulu enombolweni ethi 082 515 1701.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.