Inhlangano ilekelele obefisa ukufunda

2016-02-10 06:00
x ISITHOMBE: MAKHOSANDILE ZULU

x ISITHOMBE: MAKHOSANDILE ZULU

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO ebizwa ngokuthi Izwi Lothando Home and Community Based Services, okuyinhlangano eyasungulwa ngenhloso yokulekelela imndeni ehlwempu, eholwa uMnuz Phila Zulu, inxusa amalungu omphakathi, osomabhizinisi nezi nhlangano eza hlukahlukene ukuba bayilekelele ngokufeza inhloso yale nhlangano.

UMnuz Zulu uthe le nhlangano isiphinde yakwazi ukulekelela omunye umuntu omusha ohlala eLindelani oneminyaka engu-20.

Uthe inhlangano ilekelele uMnuz Siyathokoza Mweli obefisa ukuqhubeka nokufunda emuva kuka matikuletsheni wakhe awufundela eTshelenkosi Secondary School ngo-2014.

USiyathokoza uthe ngenxa yokungabi nayo imali akakwazanga ukufunda ngonyaka odlule. Uthe omunye wothisha baseTshelenkosi bamuxhumanisa noMnuz Zulu ngoba bazi ukuthi inhlangano yakhe kukhona engakwazi ukumusiza ngakho.

USiyathokoza uthe: “UMnuz Zulu wangithembisa ukuthi uzongilekelela ngokuthi ngithole imali yokubhalisa Ongoye. Ngokuqala kwalonyaka uMnuz Zulu wangiphelezela esikoleni, wafike wangikhulumela khona, ebeka udaba lwami lokuthi anginayo imali yokubhalisa,” kusho yena.

Uqhube wathi emuva kwalokho uMnuz Zulu waphoqeleka ukuthi abuyele KwaDukuza ukuyolandela uSiyathokoza incwadi kuMnyango wezeNhlalakahle eyayidingeka Ongoye.

Uthe: “UMnuz Zulu wathi eseyitholile incwadi wangithumelela yona ngase ngiyihambisa esikoleni, ngasithola kanjalo isikhala Ongoye,” kusho uSiyathokoza.

Uqhube wathi uzokwenza izifundo zomthetho.

USiyathokoza uthe uyambonga kakhulu uMnuz Zulu ngoba wakhipha imali yakhe ngenkathi emuphelezela Ongoye ukuze ezobhalisela ukufunda. Uthe baningi abantu abangasizwa inhlangano kaMnuz Zulu ukube ithola uxhaso.

Uthe: “Izwi Lothando lidinga uxhaso ukuze lizokwazi ukulekelela abantu abafana nami. Le nhlangano isilekelele abantu abaningi ngoba amalungu ayo azimisele ngokulekelela abantu abasha,” kusho uSiyathokoza.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

6 myths about male cancer
Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.