BEBEHLEKA bodwa abahlali bakwa-ward 3, nase-ward 13 eMandeni ngempelasonto, lokhu kulandela umhlangano womphakathi obuseMacambini eFalethu nalapho uMeya woMkhandlu waseMandeni uKhansela Sphesihle Zulu ethule khona iBest Guys Construction CC njengoSonkontilaki ohlonzwe njengozofakela ugesi endaweni yaseFalethu, naseMangeza eMacambini kwa-ward 3 ngaphansi kohlelo olubizwa nge-Falethu/Mangeza Electrification Project.
kuphinde kwabakhona nomhlangano obubanjelwe endaweni evulekile ebizwa nge-Port Natal, nalapho uMeya ephinde wethula khona iGlobaCon (PTY) LTD njengoSonkontilaki ohlonzwe njengozokwakha ihholo lomphakathi wakwa-ward 13 ngesonto langomhla zingama 5 kuLwezi nonyaka.
Ephawula mayelana nomsebenzi wokufakwa kukagesi uMeya uveze ukuthi ugesi uzofakwa ngokubambisana noMnyango wezaMandla phecelezi (Department of Energy and Minerals), kanti usuwonke lomsebenzi uzothatha isikhathi esizinyanga ezine.
“Iyikhulu namashumi amahlanu nesishiyagalolunye imizi ezohlomula ohlelweni lokufakela kukagesi kanti kufanele ngikusho ukuthi labo abazohlomula yilabo abebhaliselwe ukufakelwa ugesi phambilini, kanti kubalulekile ukuphinde ngikuveze ukuthi labo abasele ngaphandle bazohlomula ohlelweni olulandelayo noma uma sekwenziwa izichibiyelo kanti ngaphandle kwalokho akhona amathuba emisebenzi azovela kubahlali bendawo”, kubeka uZulu.
Kusekuzo ezokuhanjiswa kwentuthuko kubantu emhlanganweni obumayelana nokwakhiwa kwehholo lomphakathi kwa-ward 13 uMeya umemezele ukuthi umsebenzi wokwakhiwa kwehholo uzothatha isikhathi esizinyanga eziyisithupha.
“Lelihholo lizomumatha umthamo wabantu ababalelwa emakhulwini amane, futhi lizoba nekhishi, izindlu zokushintsha, ihhovisi lekhansela lakwa-ward 13 neleKhansela lakwa-ward 14 okusho ukuthi lizoba namahhovisi amabili, libenesiteji, yindlu kanogada bese libiyelwa ngohlobo lokubiya olubonisa ngaphathi nolubizwa ngeClear-Vu” kuqhuba iMeya.
Ngaphandle kwalokho uZulu ubuyise ithemba kubahlali bakwa-ward 13 ngesikhathi ememezela ukuthi nakhona akhona amathuba omsebenzi azovuleka ukuzama ukuxosha ikati eziko kwabanye babahlali belesigceme.
Esephetha lomsebenzi uzothatha izinyanga eziyisithupha wathi nakhona kuzobunjwa ithimba elibhekelele ukuqhubeka kahle komsebenzi i(Project Steering Committee) kuphinde kuqashwe lowo ozosebenza ukuxhumanisa uSonkontilaki nomphakathi, phecelezi (CLO).