Kuboshwe abasolelwa ukugqekeza

2016-01-20 06:00

AMAPHOYISA abophe abasolwa ababili endaweni yaseShakaskraal ngoLwesibili oledlule, ngomhlaka 12 kuMasingana (January), ngenkathi betholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, izinhlamvu kanye nempahla okusolwa ukuthi intshontshiwe.

Lokhu kuvele ngombiko othunyelwe okhulumela amphoyisa aKwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane.

UMajor Zwane uthe abasolwa baboshwe ngoLwesibili ebusuku ngabo 9pm ngenkathi abaseshi base Umhlai, Umhlali K9, kanye namaphoyisa aKwaDukuza besebenzela eShakaskraal.

Uthe: “Amaphoyisa abelandela umkhondo wabantu abasolelwa ukugqekeza umuzi eBlythedale Beach, KwaDukuza, ngomhlaka 31 kuZibandlela [December],” kusho uMajor Zwane.

Uqhube wathi amaphoyisa athole izibhamu ezimbili, izinhlamvu kanye nempahla okusolwa ukuthi yantshontshwa ngesikhathi kugqekezwa kuwona lo muzi.

UMajor Zwane uthe: “Kuboshwe abasolwa ababili kanti oyedwa ubalekile ngenkathi amaphoyisa etheleka endlini abekade behlezi kuyona. Abasolwa babhekane namacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, izinhlamvu kanye nempahla okusolwa ukuthi intshontshiwe. Abasolwa bazovela enkantolo yeMantshi yase Umhlali ngaphambi kokuthi bedlulele enkantolo yeMantshi yaKwaDukuza,” kusho yena.

Uqhube wathi ngomhlaka 31 kuZibandlela isisulu sasihlezi kwaso eBlythedale Beach ngenkathi sihlaselwa abasolwa abathathu ababehlomile.

Uthe: “Isisulu sahlukunyezwa ngaphambi kokuthi abasolwa befune ukhiye wesisefo lapho okwakugcinwe izibhamu, imali kanye nobucwebe. Kwavulwa icala lokugqekeza emaphoyiseni aKwaDukuza,” kusho uMajor Zwane.

UKhomishana wamaphoyisa aKwaZulu-Natal, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni uthe uyancomeka umsebenzi owenziwe amaphoyisa.

Uthe: “Sibonga nomphakathi ngokuthi usilekelele ekutheni sikwazi ukulwa nobugebengu ngokuthi usinikeze ulwazi olubalulekile, olusisizayo ekutheni sibophe abasolelwa ubugebengu,” kusho u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.