Kuboshwe abasolelwa ukuphanga behlomile eNdwendwe

2016-04-20 06:00

ITHIMBA lamaphoyisa ase Umhlali K9 kanye nawase Phoenix Tactical Response abophe ababili abasolelwa ukuphanga behlomile ngoLwesine oledlule ngomhlaka 14 kuMbasa (April) endaweni yase Ogunjini, eNdwendwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Major Thulani Zwane uthe amaphoyisa abethungatha abasolelwa ukuphanga behlomile ngoLwesine ebusuku.

Uthe: “Umsolwa wokuqala uboshwe ekhaya lakhe kanti utholakale nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Amaphoyisa akholelwa ekutheni lesisibhamu yisona esasetshenziswa ngenkathi abasolwa bephanga endaweni yaseNdwendwe. Umsolwa wesibili uboshwe kwenye indawo khona eNdwendwe, yena utholakale nommese nawo okusolwa ukuthi wasetshenziswa ngesikhathi sesigameko. Umsolwa wesibili utholakale nomakhalekhukhwini okusolwa ukuthi yiwona owantshontshwa ngesikhathi sesigameko,” kusho yena.

Uqhube wathi isibhamu esitholwe amaphoyisa i-Norince 9mm kanti bobabili abasolwa bazovela enkantolo yeMantshi yaseNdwendwe maduzane.

U-Major Zwane uthe: “Ngomhlaka 2 kuMbasa isisulu esineminyaka engu-24 sabanjwa inkunzi endaweni yaseNtaphuka, eNdwendwe ngo-6 ntambama. Umsolwa oyedwa wayehlome ngesibhamu omunye ngommese. Isisulu saphucwa umakhalekhukhwini. Kwavulwa icala emaphoyiseni aseNdwendwe,” kusho yena.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni uncome amaphoyisa ngomsebenzi awenzile.

Uthe: “Sinxusa amalungu omphakathi ukuba asebenze ngokubambisana namaphoyisa ngokuthi abikele amaphoyisa ngabasolwa abafunekayo,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.