KUBOSHWE abasolwa abayisikhombisa abaneminyaka ephakathi kuka-23 kuya ku-25 ngoMsombuluko, ngomhlaka 11 kuNtulikazi (July), endaweni yaseShaka’s Head, abasolelwa ukubamba iqhaza ekushisweni kwekhaya nemoto yekhansela laku le ndawo, ngokusho kwaloyo okhulumela amaphoyisa esifundazwe saKwaZulu-Natal, u-Lieutenant Colonel Thulani Zwane.
UMnuz Zwane uthe: “Abasolwa bavele enkantolo yeMantshi yase Umhlali ngoLwesibili, ngomhlaka 12 kuNtulikazi,” kusho yena.
NgoLwesibili ekuseni umphakathi waseShaka’s Head uvale umgwaqo u-N2 ubhikishela ukuthi amaphoyisa akhulule labasolwa.
Ngenyanga kaNhlolanja (February) kuwona lo nyaka, umphakathi waseShaka’s Head wavala umgwaqo omkhulu u-N2 kanye nomgwaqo u-R102 ngamatshe nangamathaya ngenkathi ubhikishela izimfuno.
Ngenkathi umphakathi ubhikisha kwashiswa indlu nemoto yekhansela le ndawo uMnuz Jetro Banda, umphakathi ufuna ukuthi asule esikhundleni sakhe.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uMnuz Bhekinkosi Langa uthe: “Singamaphoyisa sifisa ukuxwayisa amalungu omphakathi ukuba agweme ukuba yingxenye yembhikisho enodlame ngoba amaphoyisa azoqikelela ukuthi abasolelwa ukuba yingxenya yalembhikisho baya boshwa,” kusho yena.