Kuboshwe abasolwa ngelokudlwengula

2016-10-12 06:00

UMSOLWA owesilisa oneminyaka engu-29, waseNyathikazi, uboshwe ngoLwesihlanu oledlule, ngomhla ka-7 kuMfumfu (October) ngecala lokudlwengula ingane yentombazane eneminyaka engu-11.

Umsolwa uvele enkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngoMsombuluko, ngomhla ka-10 kuMfumfu, kanti ugcinwe ngaphakathi njengoba kulindeleke ukuthi uzofaka isicelo sebheyili ngomhla ka-17 kuMfumfu.

Ngokwamadokodo asenkantolo, kusolakala ukuthi isigameko sokudlwengulwa kwengane senzeka ngenyanga kuNcwaba (August) ekhaya lesisulu.

Amadokodo aqhube ngokuthi isisulu sasisodwa ekhaya ngenkathi kufika umsolwa owaziwa endaweni njengo muntu olungisa izicathulo. Kubikwa ukuthi umsolwa watshela isisulu ukuthi uzolanda izicathulo zikamfowabo wesisulu njengoba wayehlele ukuzi lungisa. Emuva kokuthi isisulu sesimunikezile umsolwa izicathulo kusolakala ukuthi umsolwa yilapho ayidlwengula khona ingane.

Kusolakala ukuthi ingane ibisaba ukubika lesi sigameko ngoba kusolaka ukuthi umsolwa wayisongela ngodlame.

Kwesinye isigameko, owesilisa oneminyaka engu-39 waseShakaville usolwa ngokudlwengula ingane yentombazane eneminyaka engu-11 yakhona endaweni.

Ngokwamadokodo asenkantolo, ngoLwesibili oledlule, ngomhla ka-4 kuMfumfu, unina wesisulu uthe ebuya ekhaya wathola ukuthi ingane yakhe yentombazane eniminyaka engu-11 ayikho ekhaya. Unina ubesebikela amaphoyisa ngengane yakhe elahlekile.

Amadokodo asenkantolo aqhube ngokuthi ntambama ngoLwesine oledlule, indodana kanina wengane okusolakala ukuthi idlwenguliwe ibone usisi wayo, isisulu, komunye umuzi khona endaweni yabe isitshela umama wayo.

Ngenkathi isisulu sitholakala, sitshele unina waso ukuthi umsolwa wasibizela endlini yakhe ngenkathi sizidlalela ngaphandle. Ingane eyisisulu iqhube ngokutshela unina ukuthi ngenkathi ifika endlini kamsolwa yilapho umsolwa ayidlwengulela khona wayisongela ngodlame uma ikeyatshela umuntu ngalesi sigameko kanti futhi ithi umsolwa uyigcinele endlini yakhe yaze yabonwa umfowabo.

Kulindeleke ukuthi umsolwa uzobuyela enkantolo ngomhla ka-17 kuMfumfu.

Owesilisa, oneminyaka engu-29, waseNyathikazi osolwa ngelokudlwengula uzofaka isicelo sebheyili enkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngomhla ka-17 kuMfumfu. Kwelinye icala, owaseShakaville, owesilisa oneminyaka engu-39, naye osolwa ngelokudlwengula uzovela enkantolo ngomhla ka-17 kuMfumfu. Bobabili basolwa ngokudlwengula izingane zamantombazane ezineminyaka engu-11.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.