Kuboshwe osolelwa ukubulala intombi nonina wayo

2016-07-13 06:00

KUBOSHWE owesilisa oneminyaka engu-36 ngoLwesihlanu oledlule ongumsolwa emacaleni amabili okubulala kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa, u-Lieutenant Colonel Thulani Zwane uqhube wathi umsolwa uvele enkantolo yeMantshi yaseKranskop ngoMsombuluko kanti ugcinwe ngaphakathi ezitokisini njengoba ezobuyela enkantolo ngomhlaka 27 kuNtulikazi (July).

Uthe: “Ngomhlaka 7 kuNtulikazi, ngabo 10 ebusuku, umsolwa wafikela ekhaya lezisulu endaweni yasEkwazini, eKranskop. Kubikwa ukuthi umsolwa wayevakashele intombi yakhe. Kusolakala ukuthi umsolwa wadubula bashona intombi yakhe eneminyake engu-25 kanye nonina wayo oneminyaka engu-50 emuva kokuthi bebe nengxabano nomsolwa. Emuva kwalesi sigameko umsolwa wabaleka,” kusho uMnuz Zwane.

Uqhube wathi amaphoyisa aseKranskop avula amacala amabili okubulala kanti akuthathanga ngisho isikhathi esingaphezulu kwamahora angama-24 ukuba abaphenyi bebophe umsolwa.

Uthe: “Umsolwa uboshwe KwaDukuza ekuseni ngoLwesihlanu kanti amaphoyisa athole isibhamu endaweni yaseNanda okusolakala ukuthi sasetshenziswa kulesi sigameko,” kusho uMnuz Zwane.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uMnuz Bhekinkosi Langa uncome amaphoyisa ngomsebenzi awenzile.

Uthe: “Sinxusa amalungu omphakathi ukuba abikele amaphoyisa ngabantu abanezibhamu ezingekho emthethweni ngoba zinomthelela ekubulaweni kwabantu abamsulwa,” kusho uMnuz Langa.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.