KUDUTSHULWE kwabulwa abesilisa abane endaweni yakwaNdaba, kwaMaphumulo, ngoMgqibelo odlule.
Uthe: “Ukubhebhetheka kwezibhamu ezingekho emthethweni kunomthelela ekubulaweni kwamalungu omphakathi, yingakho sinxusa ukuba abanolwazi ngabantu abanezibhamu ezingekho emthethweni ukuba bebikele amaphoyisa. Amaphoyisa asungule ithimba elizophenya loludaba,” kusho yena.
U-Major Langa uthe: “Amagama abantu abashonile uSteven khumalo oneminyaka engu-30, uMthokozisi khuzwayo oneminyaka engu-31, uSyanda Khuzwayo oneminyaka engu-35 kanye noPhumlani Mpungose oneminyaka engu-40. Imbangela yesigameko ibingakaziwa. Sinxusa ongaba nolwazi ngalesi sigameko ukuba axhumane namaphoyisa noma athinte i-Crime Stop enombolweni 08600 10111,” kusho yena.