Kudutshulwe owenhlangano yamatekisi

2016-07-27 06:00

UMNUZ Mduduzi Tony weDolphin Coast Taxi Association udutshulwe wabulawa ngoLwesihlanu oledlule, ngomhlaka 22 kuNtulikazi (July), kusho okhulumela amaphoyisa aseMhlali uMnuz Vinny Pillay.

UMnuz Pillay uthe lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu ebusuku endaweni yaseNkobongo, eShakaskraal, kanti uMnuz Tony udlule emhlabeni esibhedlela i-Alberlito.

Uthe: “UMnuz Tony ubese motweni yakhe ngenkathi ehlaselwa abasolwa abekade behamba ngenye imoto,” kusho uMnuz Pillay.

Uqhube wathi amalungu e-Umhlali SAPS Task Team athole imoto endaweni yaseTinley Manor ngoMqibelo ekuseni okusolakala ukuthi ibihamba abasolwa abahlasele uMnuz Tony.

UMnuz Pillay uthe: “Kutholakale imoto emnyama yohlobo lwe-BMW 323i okusolwa ukuthi ibihamba abasolwa. Amaphoyisa aphinde athola ukuthi le moto eyayikade yebiwe endaweni yaseMayville, eThekwini,” kusho yena.

Uqhube wathi bekungaka boshwa muntu kodwa amaphoyisa ayaqhubeka nokuphenya.

UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha koMphakathi, nokuXhumana KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda ukugxekile ukudutshulwa kuka Mnuz Tony.

Uthe amaphoyisa amunikeze isiqinisekiso sokuthi abasolelwa lesisenzo bazoboshwa ngokushesha.

Uthe: “Njengo hulumeni sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini kaMnuz Tony. Kusinikeza ithemba ukwazi ukuthi amaphoyisa alandela umkhondo walabo abasolelwa lesi sigameko,” kusho uMnuz Kaunda.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.