Kufunwa umndeni kamufi

2016-12-14 06:03
Isithombe: SithunyelweInduna uMnu. Moses Mthembu ucela ukufuniswa umndeni kaMnu. Nkosinathi Emmanuel Sidandane, osesithombeni, odlule emhlabeni emasontweni amabili adlule.

Isithombe: SithunyelweInduna uMnu. Moses Mthembu ucela ukufuniswa umndeni kaMnu. Nkosinathi Emmanuel Sidandane, osesithombeni, odlule emhlabeni emasontweni amabili adlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INDUNA yase Bulwer Farm, eMdlebeni, eDoringkop, engaphansi kweNkosi uMnu. Gumede, uMnu. Moses Mthembu ucela ukufuniswa amalungu omndeni kaMnu. Nkosinathi Emmanuel Sidandane odlule emhlabeni emasontweni amabili adlule.

Induna uMnu. Mthembu uthe isidumbu sika mufi satholakala ngemuva kokuthi omakhelwane bezwa iphunga elinyantisayo liqhamuka endlini yakhe umufi.

Uthe: “Kwafika umama ongumakhelwane kamufi ezo ngitshela ngephunga elingelihle elalizwakala endlini kamufi. Ngathi ngifika khona ngathola ukuthi isicabha sasingavalekile kahle, ngangena ngaphakathi ngathola ukuthi isidumbu sikamufi sasingasekho esimeni esihle sinephunga elinyantisayo,” kusho uMnu. Mthembu.

Induna inxusa abangaba nolwazi lokuthi umndeni noma izihlobo zikamufi zingatholakala kuphi njengoba ezofihlwa ngoLwesine, ngomhla ka-15 kuZibandlela, ukuthi bexhumane nayo enombolweni ethi 084 873 7800.

Uthe ukewezwa kuthiwa sengathi umufi unezihlobo ezihlala eNtshawini, KwaMaphumulo kanye naseThekwini.

Okhulumela amaphoyisa aseNewark, uMnu. Malusi Ngubane uthe umufi udlule emhlabeni ngenxa yokugula hayi ngoba kukhona osolakalayo ngokufa kwakhe.

Uthe amaphoyisa asola ukuthi umufi ungowase Eastern Cape ngokwendabuko. Ongaba nolwazi ngezihlobo noma ngomndeni kaMnu. Nkosinathi Emmanuel Sidandane engaxhumana namaphoyisa aseNewark.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.