Kuhlomule abaseShakaville

2018-07-11 06:01
Imindeni ehlomule ngamaphasela okudla endaweni yaseShakaville kuvele kwinhlangano Izwi Lothando.

Imindeni ehlomule ngamaphasela okudla endaweni yaseShakaville kuvele kwinhlangano Izwi Lothando.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO yomphakathi engenzinzuzo Izwi Lothando ibigubha inyanga yabantu abasha ngokuthi inikele ngamaphasela okudla kanye nezingubo zokuqgoka emphakathini. Imindeni ehlomulile ehlala Shakaville, Lindelani Ntshawini kanye nase-Groutville.

Ezibongela umsunguli walenhlangano uMnuz Phila Zulu uthe “Siyinhlangano Izwi Lothando sinqume ukubungaza lenyanga yethu abantu abasha ngokuthi sinikezele ngokudla ngoba siqonda usizi olubhekene nabantu abaningi abamnyama. Izingane eziningi zithembele ekudleni okudliwa esikoleni (school feeding scheme programme) manje ke ngoba izikole zivalile kuba inselelo enkulu ukuthola okuya ngasethunjini ezinganeni eziningi, okungaze kuholele ekutheni izingane zingene ebugebengwini ngoba zifuna ukuthola ukudla nje. Ngakho ke siyinhlangano Izwi Lothando sinqume ukubungaza lenyanga ngokuthi sikhombise uthando emphakathini ngoba nentsha yango 1976 yakhombisa uthando ngokuthi idele izimpilo zayo ilwele abantu abamnyama ukuthi bekhululeke kuhulumeni wencindezelo. Ngakho ke nathi siyintsha yangalesikhathi sinenselelo yokuthi sihlangane singabantu abasha abamnyama silwisane nobubha obuhlasele thina sizwe esinsundu,” Kubeka uZulu.

UMnuz Zulu uphinde wathi

“Uma singahlangana sikhulume ngezwi elilodwa ngaphandle kokubheka amaqembu esivela kuwona ezepolitiki kanye nokuthi inkolo nginesiqiniseko sokuthi nathi siyintsha singayithola inkululeko yezomnotho. Esikucelayo futhi kubahlali abakhele isifunda sethu ILembe ukuthi ama-vegetable kanye nama fruits siwathenge komama abadayisa ezimakethe zasemgwaqeni kunokuba uyothenga ezitolo ezinkulu (supermarket). Uma singahlangana sikhulume ngezwi elilodwa singabantu abasha abamnyama nginesiqiniseko sokuthi singayinqoba impi yobubha esihlasele,” usho kanje.

Nawe ungakwazi ukuxhasa kulenhlangano esiza umphakathi ngokuthi uthumele sms eyigama elilodwa nje elithi Uthando enombolweni ethi 36194 sms ibiza R5 nje kuphela ungathumela inoma ikangaki leyomali iyosiza wonke umuntu omusha ngokuthi athole imfundo, umsebenzi kanye noxhaso kwabafisa ukuba namabhizinisi. Ungasifonela enambeni yethu yocingo ethi 082 515 1701 okanye ungene ku-www.izwilothando.org.za

Siyinhlangano Izwi Lothando sithanda ukudlulisa ukubonga okukhulu kubobonke abantu abaqhubeka njalo ngokunikela kulenhlangano baba Manzini, Kuhlekwezintombi, Mbali Mpanza, Cllr Lucky Makhathini, Nokubonga Duma, His Worship Cllr Sduduzo Gumede kanye nabanye abaningi ngithi nje uNkulunkulu anibusise.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.