Kunxuswa abanikazi bezitolo ukuthi beqaphele

2016-04-20 06:00

UMNIKAZI wesitolo i-Majola Tuck-shop, owaziwa ngokuthi igama lakhe uMnuz Solomon, udutshulwe abasolwa abangaziwa ngeSonto eledlule, ngomhlaka 17 kuMbasa (April) ngo 6pm e-Bulwer Farm, endaweni yaseNewark.

Okhulumela amaphoyisa aseNewark uMnuz Malusi Ngubane uthe: “Udutshulwe engalweni kanye nasesifubeni. Abasolwa babaleke nemali kanye nomakhalekhukhwini,” kusho yena.

Uthe ngemuva kwalesi sigameko isisulu siphuthunyiswe esibhedlela saseStanger. Kuvulwe icala esiteshini saseNewark kanti amaphoyisa ayaqhubeka nokwenza uphenyo ngalolu daba, kusho uMnuz Ngubane.

Uthe: “Akuka boshwa muntu okwamanje. Amaphoyisa anxusa umphakathi ukuba abikele amaphoyisa ngabantu abasolwa ngokuthi bayathinteka kulesi sigameko. Sithanda nokunxusa abanikazi bezitolo ukuthi benga hlali bevulile kuze kushaye izikhathi zasebusuku ngoba lokho kubeka izimpilo zabo engozini,” kusho yena.

Kwesinye isigameko, kusolakala ukuthi owesifazane oneminyaka engu-57 uhlaselwe yindodana yakhe eneminyaka engu-37 ngoLwesihlanu oledlule, ngomhlaka 15 kuMbasa, e-Bulwer Farm, endaweni yaseNewark.

UMnuz Ngubane uthe kusolakala ukuthi umsolwa ushaye unina ngenduku waze waphuka ingalo umama wakhe.

Uqhube wathi kusolakala ukuthi umsolwa nesisulu bebebanga imali ekade ifunwa ngundodana kumama wakhe ohola impesheni.

UMnuz Ngubane uthe umsolwa uboshwe amaphoyisa aseNewark futhi uvelile enkantolo uselindele ukuthola isigwebo kuphela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.