Kushone abantu abathathu engozini eyenzeke KwaDukuza

2017-01-25 06:01
Kushone abantu abathathu ngesikhathi kushayisana izimoto kuDoesberg Road ngoMgqibelo ebusuku. ISITHOMBE: SITHUNYELWE Isithombe: Sithunyelwe

Kushone abantu abathathu ngesikhathi kushayisana izimoto kuDoesberg Road ngoMgqibelo ebusuku. ISITHOMBE: SITHUNYELWE Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUSHONE abantu abathathu ngesikhathi kushayisana izimoto ezincane zohlobo lwe-VW Golf, kuDoosberg Road, KwaDukuza, ngoMgqibelo ebusuku.

Ngokusho kokhulumela i-IPSS Medical Rescue, uPaul Herbst, abezimo eziphuthumayo nezicishamlilo bafike endaweni yesigameko bathola abantu besavaleleke ngaphakathi kulezi zimoto.

Abanye baphalazwe yilezi zimoto ngesikhathi kwenzeka ingozi.

“Kudingeke ukuba kusetshenziswe izindlawu ukukhulula laba abebebhajwe ngaphakathi ezimotweni.

“Kushone abantu abathathu – abashayeli ababili nomgibeli oyedwa – bonke bashonele endaweni yesigameko,” kusho uHerbst.

UHerbst uthe omunye wabalimele ubangwa nezibi kanti kudingeke ukuthi axhunywe imishini.

“Abanye abantu abangu-9 bathole ukulimala base bephuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene,” kusho yena.


- News 24

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.