Kushone unogada kuphangwa eBallito

2016-08-17 06:00
Amaphoyisa athole imoto abasolwa ababaleke ngayo endaweni yesigameko sokuphanga eBallito ngeledlule. x

Amaphoyisa athole imoto abasolwa ababaleke ngayo endaweni yesigameko sokuphanga eBallito ngeledlule. x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Onogada bezinkampani ezahlukene bafike endaweni yesigameko ekuseni ngovivi kudutshulwana, kusho owe-IPSS Medical Rescue uMnuz Paul Herbst. Oyedwa wonogada ushonele endaweni yesigameko oyedwa ulimalile. Okhulumela abe-Netcare 911 uMnuz Chris Botha uthe bafice obeseshonile emotweni. Kusenjalo abosizo lokuqala bathole ucingo ngendoda ebilimele evele yawaphansi eTongaat Toll Plaza. Le ndoda ibinamanxeba okudutshulwa. Kusolwa ukuthi ibisendaweni yesigameko sokudubula ebesenzeke eBallito yalimala kanzima. Le ndoda iphuthunyiswe esibhedlela iqashwe ngamaphoyisa.

Uthe: “Abasolwa babaleke endaweni yesigameko ngemoto yohlobo i-Mercedes Benz C class emhlophe. Amaphoyisa ase Umhlali athungathe abasolwa abaze babanjwa eTongaat Toll Plaza. Amaphoyisa asathungatha abanye abasolwa abaphunyukile,” kusho yena. Uqhube wathi amaphoyisa awatholile amakhompyutha okubikwa ukuthi atshontshwa abasolwa. UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMeja Jenene Bhekinkosi Langa ukugxekile ukuhlaselwa konogada. Uthe: “Amaphoyisa azoqikelela ukuthi abasolwa abaphunyikile bayaboshwa. Laba ababoshiwe bazophenywa ukuthi bayabandakanyeka yini kwezinye izigameko zobugebengu endaweni yase Umhlali namaphethelo,” kusho yena.
Umsolwa owaphuthunyiswa esibhedlela uvele enkantolo ngomhlaka 11 kuNcwaba, uzobuyela kusasa ngoLwesine.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.