Ligubhe iminyaka emihlanu Izwi Lothando lasungulwa

2018-03-14 06:02
Izwi lothando ligubhe iminyaka emihlanu lasungulwa ngu Phila Zulu lapha uthathwe nodado bekulomcimbi.PHOTO: supplied

Izwi lothando ligubhe iminyaka emihlanu lasungulwa ngu Phila Zulu lapha uthathwe nodado bekulomcimbi.PHOTO: supplied

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Izwi Lothando nokuyinhlangano engenzinzuzo ezinze KwaDukuza ibigubha iminyaka emihlanu (5) yasungulwa. Ngosuku olufanayo umsunguli wayo lenhlangano uPhila Zulu naye ebegubha iminyaka engamashumi amathathu nanhlanu (35) azalwa ngalo ngomqibelo zi-3 ku Ndasa.

Ezibongela kulomcimbi uZulu uthe ngiyabonga kuNkulunkulu ngokungigcina iminyaka 35 ngisadla anhlamvana.

“ngiphinde ngibonge iminyaka emihlanu ngasungula inhlangano engenzinzuzo Izwi Lothando okuyinhlangano esiza izingane eziphuma emindenini entulayo ukuba zithole imfundo kusukela emazingeni aphansi kuze kufike emazingeni aphezulu (Tertiary ).

ukuze baphile impilo engcono bona kanye nemindeni yabo nemiphakathi abavela kuyona.

Ngikhethe ukujabulela lolusuku kanye nabo abantwana abancane ngoba ngibakhonzile kanti futhi njengoba kuwunyaka weQhawe lethu singama Africa ubaba uNelson Mandela umyalezo awushiya kithina wathi asithande siphinde siphathe kahle abantwana abancane ngokuba bayikusasa lezwe lethu”, ubeke kanje

Uphinde wanxusa. isizwe esinsundu ikakhulukazi intsha ukuba ihlangane silekelelane ukusiza abantwana ukuba bathole imfundo. Ofisa ukuphosa esivivaneni engathumela sms ethi Uthando enombolweni ethi 36194 sms ibiza R5.

“Ngoba ngiyafisa ukuba sazi futhi sikuqonde siyitsha yalesisizukulwane ukuthi lelizwe lingelethu alikho elinye izwe esinalo ngakho ke simelwe ukuthanda izwe lethu silinakekele ngaphandle kokubheka uhulumeni futhi ngaphandle kokubheka inkokhelo njengoba ngenza nami kanti futhi nokhokho bethu benza kanjalo bevikela izwe lethu baze banikela ngezimpilo zaba bafa befela mina nawe ukuba siphile ngokukhululeka namathuba alinganayo ezweni lethu”, kuphetha uZulu.

Umsunguli walenhlangano Phila Zulu oneziqu zeHuman resources management kanye neze Health and safety waqoka ukunikela ngomholo wakhe nyangazonke ukuba asize abampofu wagcina ngokushiya umsebenzi enze umsebenzi wakusiza umphakathi ngokugcwele, ululeke abantwana abebehambele lomcimbi ukuba bathandane benakekelane omunye nomunye futhi uma beqeda ibanga lesikhombisa (7) and grade (12) bangadabuli uniform yabo kodwa benikele ngawo kwabanye abafundi abasalayo esikoleni, behloniphe futhi bethande uNkulunkulu bengazimbandakanyi nezidakamizwa.

Abafuna ukwazi kabanzi ngalenhlangano kanye nezinye izindlela abangalekelela ngayo bengaya ku website yayo ethi www.izwilothando.org.za noma Facebook page ethi Izwi Lothando bethande ikhasi (like Facebook page )

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.