Okamaskandi uthembisa abalandeli umculo onomlayezo

2016-09-28 06:00
x Isithombe: Makhosandile Zulu

x Isithombe: Makhosandile Zulu

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI kamaskandi uMnu. Ayanda Magwaza weqembu Gayinkani, elizinze KwaDukuza, uthembisa abalandela lo mculo ukuthi i-albhamu abayiqophile imnandi kakhulu njengoba iqukethe amanoni anomlayezo.

Isihloko se-albhamu sithi ‘Mxoleleni’ okungumlayezo obaluleke kakhulu ngoba ufundisa abantu ukuthi kumele bebe nezinhliziyo ezixolayo ngaso sonke isikhathi, ngokusho kuka Mnu. Magwaza.

Uthe: “Umlayezo onzima kabi lona ngoba uma ubenephutha olenzile uyakudinga ukuxolelwa kanti nawe kubalulekile ukuthi ukwazi ukuxolela umuntu okonile,” echaza

Uqhube wathi kwelinye lamanoni uxwayisa abantu abayizintandane ukuthi beqikelele ukuthi abaphumi endleleni ngoba engasekho umuntu ozoba nikeza iziyalo.

Uthe: “Lengoma ithi ngihlalahlala ngimkhumbule ubaba ngoba ukube usekhona ngabe akujena. Lapho ngisuke ngixwayisa thina esisebancane ukuthi uma ungesenaye umzali kumele ungenzi izinto ezibhedayo kodwa uhlale ethembeni,” kusho yena.

UMnu. Magwaza uthe iqembu iGayinkani wali sungula ngo-2010 ngoba efisa ukuveza ikhono analo aphinde abeyingxenye yomculo owakhayo noduduzayo futhi.

Uthe: “Njenga manje iqembu lethu linamalungu ayisihlanu okungu Sabelo Mhlongo, uLindo Mhlongo, uTshuqe Mhlongo, uBheki Zulu kanye nami. Senza umculo kamaskandi kanti siyagida futhi. Sike sicelwe amalungu omphakathi ukuthi sizodlala emicimbini enjenge mishado kanje,” echaza.

Uqhube wathi leliqembu liphinde lisebenzisana nomdlali wesiginci uMshikashika kanti futhi sebeke bahambela izindawo eziningi la esifundazweni bezama ukukhangisa umculo wabo.

Uthe: “Ezinye zezindawo esesike saya kuzona iseMelmoth naseNkandla sizama ukudayisa umculo wethu. Enye yezingoma zethu zike zadlala ngisho kwi-Zululand FM. Siyafisa ukuthi umculo wethu ungasabalala izwe lonke ngoba umculo esiwenzayo umculo ongakhulisa abantu ngokwenqondo,” kusho yena.

Uthe amanye amaculo abawenzayo akhuluma ngothando kanti amanye abhekiswe kubantu besifazane okuyinto ekhombisa ukuthi umculo wabo ungathokozelwa yiwo wonke amalungu omphakathi.

Uthe: “Ngicela uxhaso kubantu abangakwazi ukungisiza, nabantu abazoba nomcimbi ngicela bengithinte ukuze ngizofika ngizodlala lapho. Ngitholakala enombolweni ethi 076 809 9464. Nozakwethu abafuna ukucula bengangithinta nabo,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Men.24 Model of the Week: Wendy from Cape Town

Find out more about our featured model, Wendy from Cape Town

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.