Owe Afro-Pop kuma-LYD Awards

2018-10-17 06:03
isithombe: NKOSINATHI DUBEUNzuzo Phiri nzimisele nokubuya nendondo “yeBest Upcoming Artist” kuma SA LYD awards.

isithombe: NKOSINATHI DUBEUNzuzo Phiri nzimisele nokubuya nendondo “yeBest Upcoming Artist” kuma SA LYD awards.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI osemncane nocula i-Afro Pop nodabuka khona KwaDukuza usethubeni lokuhlabana kuma-Live Your Dreams SA Awards nazobanjelwa ePlayhouse eThekwini ngomhla zi-24 kuLwezi( November).

UNzuzo Phiri nosebe kulendima yomculo isikhathi eside uthi usebona engathi sesifikile isikhathi sakhe sokuba enze ezibukwayo. Kulemiklomelo uPhiri uqokwe emkhakheni wamaCiko asafufusa( Best Upcoming Artist).

Engxoxweni abe nayo ne-Stanger Weekly umfoka Phiri uzwakalise ukuzithemba ngalemkomelo aqokwe kuwo yize eyobe ebhekene namanye amaciko angazibekile phansi.

“ Ngithembisa bonke labo abengesekayo nabangilandelayo ukuthi kusekuningi abangakulindela kumina nokuthi uma ungumuntu kumele wazi ukuthi uhlezi unethuba lokukhetha okuhle nokubi kanye nokungabukeli abanye phansi,” ubeke kanje.

Njengoba sekuseduze ukuba kukhethwe abali-10 abazoncintisana kulomkhakha nabazomenyezelwa ngomhla zili-10 kuMfumfu( October) uNzuzo unxuse izakhamizi zaKwaDukuza ukuba zimuvote ngokuthumela umqhafazo othi LYD1207 ku 45633 nabangakwenza noma kangaki. I-SMS ibiza u-R150.

Ukuvotela amaciko kulemiklmelo kuvalwa mhla zi-23 kuLwezi( November).

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.