Sibonga umkhandlu waseMandeni isizwe saseMacambini

2016-09-28 06:00
Kusukela kwesokunxele uSihlalo womkhandlu wobuKhosi baseMacambini uMnu. Ephraim Thanduyise Mathaba, usomabhizinisa wendawo uMnu. Senzo Mkhwanazi, ikhansela lomkhandlu weNkosi yakwaMathaba uMnu. Mtha Ndlovu, ikhansela uMnu. Mphile Mngadi, ilungu lomkhandlu waseMandeni uMnu. Xolani Mdletshe, ikhansela uMnu. Linda Mdletshe, ikhansela uMnu. Mlungisi Shelembe, uMnu. J. Ngema, nomqondisi wezokuPhepha koMphakathi uMnu. Zamani Mcinekax

Kusukela kwesokunxele uSihlalo womkhandlu wobuKhosi baseMacambini uMnu. Ephraim Thanduyise Mathaba, usomabhizinisa wendawo uMnu. Senzo Mkhwanazi, ikhansela lomkhandlu weNkosi yakwaMathaba uMnu. Mtha Ndlovu, ikhansela uMnu. Mphile Mngadi, ilungu lomkhandlu waseMandeni uMnu. Xolani Mdletshe, ikhansela uMnu. Linda Mdletshe, ikhansela uMnu. Mlungisi Shelembe, uMnu. J. Ngema, nomqondisi wezokuPhepha koMphakathi uMnu. Zamani Mcinekax

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISIZWE saseMacambini ngaphansi kweNkosi uMnu. Mthokozisi Mathaba sedlulise okukhulu ukubonga emkhandlwini kamasipala waseMandeni, lokhu kulandela isipho senkunzi yenkomo yohlobo lwenxahi esidluliswe yilomkhandlu nobekuhloswe ngaso ukuba yingxenye yomcimbi wesikhumbuzo seNkosi uMnu. Khayelihle “Sikigi Uyadela” Mathaba ekhothame ngonyaka odlule nokuwumcimbi obungoLwesihlanu lomhlaka zingamashumi amabili nantathu (23) kuMandulo (September).

Echaza uMnu. Mtha Ndlovu oyikhansela lomkhandlu weNkosi yakwaMathaba kulomcimbi obuhanjelwe zinkumbi zabantu besizwe saseMacambini kanye namaKhosi okubalwa kuwo iNkosi yakwaMhlongo eSikhonyane endaweni yaseNdulinde, iNkosi yakwaMkhwanazi kwaDlangezwa, kanye neNkosi yesizwe sakwaMzimela eMthunzini, uthe lomcimbi sebekhethe ukuba ubekhona minyaka yonke ngenyanga kaMandulo (September), wasedlulisa amazwi okubonga emkhandlwini kamasipala waseMandeni.

Uthe: “Nakuba umkhandlu waseMandeni waziswe ngalomcimbi sekusele isikhathi esincane kodwa kusijabulisile siyisizwe saseMacambini ukusukumela phezulu kwawo” usho kanje.

Eqhuba uGatsheni uthe banethemba lokuthi lokhu abakwenzayo kuzobeka indawo yaseMandeni kwibalazwe, wasephinda ezwakalisa ukubonga eNkosini ebusayo njengamanje iNkosi uMnu. Mthokozisi Mathaba, uMnu. Senzo Mkhwanazi ongusomabhizinisi wendawo kanye nakomunye uMnu. ambize ngoMajola ngokuqinisekisa ukuthi lomcimbi ugcina ngokuba yimpumelelo.

Ethula inkulumo, uMnu. Senzo Mkhwanazi uthe besekunezikhathi eziningi lapho iNkosi uMnu. Khayelihle “Sikigi Uyadela” Mathaba ibimfikela khona ngephupho imcela ukuba kwenziwe umcimbi wayo nokuthe uma ebonisana nendlu yasebukhosini basebebona ukuthi kumele wenziwe lomcimbi.

Yethula inkulumo, iNkosi yakwaMhlongo uMnu. M.W. Mhlongo uthe bazizwa beziqhenya ngokuba yingxenye yalomcimbi, wathi babebambisene kakhulu neNkosi yakwaMathaba.

Uthe: “Siyajabula kakhulu ngoba umcimbi ofana nalona usuwenziwe” kusho iNkosi.

UNksz Thuthukile Zulu obekhulumela abakwa Cogta uthe bayajabula ukuba yingxenye yalomcimbi, wathi kumele kuqinisekiswe ukuthi umlando weNkosi uMcambi awushabalali, wasenxusa ukuba abantu bakuhloniphe ubuholi bendabuko.

Kanti ngakolunye uhlangothi, uNkk Betty Mathaba izalaNkosi, noma uMama weNkosi uMnu.Khayelihle Mathaba, uthe uyajabula ukuthi isithombe sendodana yakhe sisekhona kubantu baseMacambini.

Uthe: “Ngiyafisa ukuba umcimbi ofuze lona ubekhona njalo, kanti futhi ngikhulekela ukuba umzukulu wami oyiNkosi ebusayo kumanje akhule futhi asebenze ngokuzikhandla ekutheni isithombe negama likayise lingashabalali,” kusho yena.

Izwakalisa ulaka lwayo iNkosi ebusayo uMnu. Mthokozisi Mathaba ngesikhathi ethi umuntu akathandi uyathanda kodwa uyena ebusayo manje. Uqhube ngokubonga emaKhosini ebehambele lomcimbi wathi bengamaCambi bazizwa benethezekile ngokusingathwa ngamanye amaKhosi.

Uthe: “Kubo bonke labo abafisa ukungipha iziyalo ngizozamukela iziyalo zabo, kanti futhi ngiyaqinisekisa, futhi ngiyafunga ukuthi ngizosebenza ngokusemandleni ngokuzithoba, nangokwethembeka ngisebenzele isizwe saseMacambini,” kusho iNkosi.

Ngaphambi kokuthi iphethe iNkosi enkulumweni yayo ebibuye ihambisane nokugiya ikhwele yadilika eMnyangweni wakwa Cogta yathi kade uyise akhothama kodwa ayazi ukuthi kubambeni manje ukuthi igcotshwe, noma ibekwe ngokusemthethweni.

Ngesikhathi ethula inkulumo yokuvala uMnu. Ephraim Thanduyise Mathaba ongusihlalo wendlu yasebukhosini baseMacambini, uthe uthanda ukubonga kakhulu kubahleli balomcimbi ngokuthi ugcine uyimpumelelo wathi naye uyafisa ukuba wenziwe minyaka yonke ngoba lokhu kuzosiza ekutheni singashabalali isithombe seNkosi uMnu. Khayelihle “Sikigi Uyadela” Mathaba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.