Sinethulela uMiss KwaDukuza wanonyaka

2018-01-24 06:01
NguLondeka Nzuza okhale wemuka nesicoco sika Miss KwaDukuza 2017 kumncintiswano obubanjelwe eBlythedale.

NguLondeka Nzuza okhale wemuka nesicoco sika Miss KwaDukuza 2017 kumncintiswano obubanjelwe eBlythedale.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Bekukuhle kudeleli ngamaholidi kaZibandlela ngenkathi kuqhubeka iKwaDukuza Beach Festival olwandle lwase Blythedale mhla zinga-26 no-27 kuZibandlela.

Phakathi kwezinto ebezenzeka singabala imidlalo eyahlukahlukene okuhlanganisa I Netball, beach soccer, volleyball, athletics neminye. Khona futhi kulendumezulo bekunedili lomculo lapho bekukhona abaculi abadumile okubalwa neqembu elinengoma ehlukanise unyaka emsakazweni I ‘Destruction Boys’ kanye nabaculi bendawo bejabulisa izahambeli olwandle kanti kuvalwe ngokaZima nobezonqoba ubezothatha isicoco sika Miss KwaDukuza nonyaka.

Sekungumlando ukuthi uLondeka Nzuza ukhale wamuka nalesi sicoco; intantheli yephephandaba iStanger Weekly( NKOSINATHI DUBE) ibe nengxoxo ekhethekile noMiss KwaDukuza wanonyaka.

ND: Awusitshele kabanzi ngawe

LN: Ngiyintombazanyana eneminyaka eli-18 enomfutho nedabuka elokishini laseDarnall khona laKwaDukuza ngenya unyaka wesibili esikhungweni semfundo ephakeme I UKZN. Ngenza iziqu ze Media and Cultural studies kanye ne Human Resources.

ND: Uqale nini ukungenela ekazime?

LN: Ngiqale ukumodela ngineminyaka eli-15 emncintiswaneni kazime obuseThekwini nowaziwa ngoka Miss uShaka Marine World Junior.

ND: Unjani umuzwa wokunqoba esika Miss KwaDukuza

LN: Ukunqoba esika Miss KwaDukuza kulethe ukuziqaja kimi nanokuthi ngize ngikwazi ukunqoba umncintiswano wase dolobheni langakithi nokungumncitiswano ebese ngikade ngifisa ukuwunqoba.

ND: Engabe iziphi izinhloso onazo zekusasa nemanje empilweni.

LN: Nginesifiso sokuthola iziqu zeHonours ngelinye ilanga kwimikhakha engiyifundelayo , ngingenele oka Miss South Africa ngiphinde ngisebenzele enye yezinkampani ezinkulukazi zezokuxhumana.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.