UMeya ufisela imboni yamatekisi unwele olude

2016-08-31 06:00
UMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu ubonge osomatekisi ngaba kwenzile ukuthi bathengele izingane zesikole umfaniswano. x

UMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu ubonge osomatekisi ngaba kwenzile ukuthi bathengele izingane zesikole umfaniswano. x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BEBEHLEKA kuvele awomhlathi abafundi, nothisha bezinye zezikole zesiFunda seLembe ehholo lomphakathi iSibusisiwe Hall eMandeni ngoLwesine lwangomhlaka 25 kuNcwaba (August) 2016, lokhu kulandela umcimbi wokunikela ngomfaniswano wesikole kubafundi bezikole ezehlukene zesiFunda seLembe nokuyisenzo esenziwe ngabeNhlangano yoSomatekisi eyaziwa ngeSantaco ngaphansi kwesifunda seLembe.

Ephawula, uMeya womkhandlu waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu ubonge wanconcoza, waphinde wafisela lenhlangano yoSomatekisi unwele olude ngakubize ngesenzo sokubuyisela emphakathini, wathi umuntu okufanele abongwe kakhulu yilowo owaqhamuka nalombono ngoba abanye basuke benza into eyaqhamuka numuntu othile.

Uqhube ngokubonga bonke abesembonini yamatekisi ngokubambisana ukuze lolusuku lube yimpumelelo.

Uthe: “Kusaphele izinsuku eziyisikhombisa kuphela umkhandlu kamasipala omusha ufungisiwe siyafisa ukwedlulisa ukubonga okukhulu kwabemboni yamatekisi ngendima abayidlalile ngesikhathi kuvotelwa oHulumeni basekhaya, nangokuthutha umphakathi waseMandeni namaphethelo ukuba uzoba yingxenye yomcimbi wokufungiswa, nokugcotshwa komkhandlu omusha,” kusho uMnuz Zulu.

Eqhuba, uthe bewumkhandlu bazimisele ukushintsha ubuso beMandeni wabala indawo kusukela eBhidla kuze kuyoshaya eSundumbili Plaza, wengeze ngomgwaqo iThokoza road, umgwaqo u P 415 njengomunye okufanele ubesesimeni esigculisayo.

Enkulumweni yakhe uMeya uphinde wabuyisa ithemba kwabemboni yamatekisi eMandeni wathi basezinhlelweni zokubakhela i-Rank ehlelekile, wathi ayikho i-rank eMandeni kuphela nje indawo yokupaka izimoto zamakhasimende lena abayibiza nge-rank.

Ngaphandle kwe-rank uMeya uphinde waveza ukuthi nabamatekisi kumele bahlomule uma kuthuthwa abantu ezimbizweni zikaHulumeni wathi akumele kube abamabhasi kuphela abahlomulayo.

Uthe: “Umcimbi wanamuhla ubaluleke kakhulu ezimpilweni zabafundi ngoba lokhu kwehlisa umthwalo kwabanye abazali abantula imali yokuthengela izingane imifaniswano yesikole,” kusho yena.

Uqhube ngokufanisa othisha noSonhlakahle wathi othisha abagcini ngokufundisa kodwa bagcina sebebhekelele zonke izinkinga zomfundi umzali engekho esekhaya noma emsebenzini.

Uthe: “Uma nikwazi ningoSomatekisi ukuqhamuka nesisombululo ezinkingeni zomphakathi lokhu kusho ukuthi ningakwazi futhi ukubumbana kuqedwe udlame embonini yamatekisi,” usho kanje.

USihlalo wesiFunda seLembe kwiSantaco uMnuz Bongani Mkhwanazi ongaphansi kukaSoseshini wakwaDukuza, uthe inhloso yabo enkulu bekukwelula isandla emphakathini ngokuthi banikele ngomfaniswano ezikoleni ezahlukene ngaphansi kwesiFunda seLembe.

Uthe: “Sithe asibuyisele emphakathini ngoba yiwo lomphakathi osebenzisa, nogibela izimoto, noma izithuthi zethu njengoSomatekisi, namhlanje sinemizi emihle nezimoto ezinhle ngenxa yemali ekhokhwa umphakathi uma ugibela izimoto zethu,” usho kanje. UMnuz Mkhwanazi uveze ukuthi phakathi koSoseshini abenze lomcimbi waba yimpumelelo kubalwa owase-Dolphin Coast, owaseMandeni, Sqalokuhle, Macambini-Nembe, Glenhills, Dukuza, Nyoni, kanye nowakwaMaphumulo, kanti phakathi kwezinye zezikole ezihlomulile kuloluhlelo kubalwa iMpoqabulungu High School, uThukela High School, iMandeni Primary, iBuhlebesundumbili Primary, iSiyavikelwa HP School, uDumo High School, Sthebe Primary, Wetani Primary, iTshana High School ukukha nje ngaphezulu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Men.24 Model of the Week: Wendy from Cape Town

Find out more about our featured model, Wendy from Cape Town

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.