UMongameli weqembu uthi amalungu awabumbane

2016-09-21 06:00
x Isithombe: Sithunyelwe

x Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IQEMBU lezombusazwe i-National Freedom Party (NFP) libambe umhlangano wesifundazwe ngoMgqibelo, ngomhlaka 17 kuMandulo (September), eNtshawini, KwaDukuza, ukwethula izinhlelo zokuvuselela nokulungiselela leliqembu ngaphambi kokhetho lukazwelonke ngo-2019.

USihlalo weNFP kulesi sifundazwe uMnuz Vikizitha Mlotshwa wengamele lo mhlangano wethula umlayezo kaMongameli weqembu uNkk Zanele Magwaza-Msibi.

UMnuz Mlotshwa ufunde umlayezo kaNkk Magwaza-Msibi kanje: “Ngithokoza kakhulu ukuba ngithole isimemo sokuba yingxenye yalomhlangano. Kepha ngithanda ukudlulisa amazwi okuxolisa ngokungaphumeleli ukuba phakathi kwenu ngenxa yezizathu eziphathelene nempilo yami. Kodwa ngifuna ukuninika isiqiniseko sokuthi sengizizwa ngingcono kakhulu kunesikhathi abaningi benu abangibona ngaso ezinyangeni ezimbili ezedlule.

“Futhi ngithanda ukugcizelela ukuthi ngingcono kakhulu ngoba nangale kokuthi odokotela basho kanjalo, nami uqobo ngizizwa kanjalo. Ngikusho lokhu ngoba kuningi okukhulunywayo ngesimo sempilo yami. Okungiphatha kabi ukuthi akukhulumi kuphela labo esiphikisana nabo ngokwezepolitiki, kukhona nabangaphakathi ezinhlakeni zeqembu abakhuluma imibhinqo, abanye basho nokusho ukuthi iqembu ngilihola ngilele embhedeni. Loluhlobo lwenkulumo iyangihlukumeza kakhulu, ikakhulu uma ikhulunywa ngaphakathi eqenjini.”

UMnuz Mlotshwa uqhube wathi kuyisifiso sikaMongameli waleliqembu ukuthi lo mhlangano uzosetshenziselwa ukuthi amalungu alo akwazi ukubhekana nezinselele ezibhekane neqembu njengoba lihlulekile ukuba yingxenye yokhetho lohulumeni basekhaya.

Uthe kungumbono kaNkk Magwaza-Msibi ukuthi labo abenza ukuthi leliqembu lingabi yingxenye yokhetho lohulumeni basekhaya kumele bathathelwe izinyathelo ezifanelekile.

Uthe: “Kuyakhathaza kakhulu ukuthi kukhona abaholi baleliqembu abakwazi ukukhuluma nabezindaba beziphendulele kodwa abakaze bekwazi ukuzehlisa bezoxolisa kumalungu aleliqembu ngalokhu okwenzeka,” kusho uMnuz Mlotshwa efunda umlayezo kaMongameli waleliqembu.

Uqhube wathi uNkk Magwaza-Msibi unethemba lokuthi lo mhlangano uzovuselela leliqembu kodwa kumele amalungu aqaphele engazitsheli ukuthi konke sekulungile kodwa akwazi ukuthola indlela eyaphambili umakuphethwa umhlangano.

Uthe: “Lo mhlangano uzophendla indlela eya kwinkomfa yokukhethwa kobuholi beqembu kanye nokhetho lukazwelonke lwango-2019. Umbuzo obalulekile okumele sizibuze wona uthi: sikulungele yini ukubhekana nezithiyo ezizoqhamuka?” kusho uMnuz Mlotshwa efunda umlayezo kaNkk Magwaza-Msibi.

Uqhube wathi uMongameli waleliqembu ufisa ukuxwayisa amalungu alo ukuba aqaphele abaholi abanezinhloso ezingahambisani nombono weqembu namalungu alo.

Uthe: “Ngaphambilini sakhetha abaholi ngoba sinethemba lokuthi bazosiholela lapho esasihlose ukuya khona kodwa bahluleka basiholela kwinhlekelele enkulu. Kumele siqinisekise ukuthi asiliphindi lelophutha lokukhetha ubuholi obungekho qotho,” kusho uMnuz Mlotshwa efunda umlayezo kaNkk Magwaza-Msibi.

Uqhube wathi uMongameli uthe uma amalungu aleliqembu ekuphokophelele ukusingatha inkomfa yokukhethwa kobuholi beqembu ngenyanga kaZibandlela (December) kumele aqinisekise ukuthi zonke izinto nezinhlaka zeqembu zimingomumo.

Uthe uNkk Magwaza-Msibi unxuse amalungu eqembu ukuba abumbane futhi agweme ukuthi imali idlale indima ekwenzeni uqhekeko kuleliqembu.

UMnuz Mlotshwa ufunde umlayezo kaMongameli waleliqembu kanje: “Njengo Mongameli lento iyangikhathaza kakhulu ngoba ingaba nomthelelo ongemuhle eqembini lethu.”
UNkk Magwaza-Msibi wagula kakhulu waze wangeniswa esibhedlela ngonyaka ka-2014.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.