Umoya wobumbano kufungiswa amakhansela eMandeni

2016-08-31 06:00
Menenja yakwaMasipala waseMandeni uMnuz Lulamile Mapholoba, uMeya uMnuz Siphesihle Zulu, uSomlomo woMkhandlu uNksz Makhosazane Zungu kanye noSekela Meya uNksz Phindile Sishi kufungiswa amakhansela aseMandeni ngeledlule.x

Menenja yakwaMasipala waseMandeni uMnuz Lulamile Mapholoba, uMeya uMnuz Siphesihle Zulu, uSomlomo woMkhandlu uNksz Makhosazane Zungu kanye noSekela Meya uNksz Phindile Sishi kufungiswa amakhansela aseMandeni ngeledlule.x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUQHUME umkikizo kwaduma amakhwelo kufungiswa amakhansela omkhandlu waseMandeni, emcimbini obuse hholo lomphakathi iSibusisiwe Hall ngoLwesine lwangomhlaka 18 kuNcwaba (August) 2016.

Lo mcimbi obuhanjelwe zinkumbi zabantu ebebebalelwa ezinkulungwaneni ezinhlanu, amaKhosi endabuko okubalwa kuwona iNkosi yakwaMhlongo eSikhonyane, iNkosi yesizwe saseMacambini, iNkosi yesizwe sakwaNgcobo endaweni yakwaHlomendlini, osomabhizinisi, amalunga ezinhlangano ezahlukene zezepolitiki, kanye nabefundisi bamahlelo ehlukene ezenkolo.

Ethula inkulumo yakhe yokwamukela ukugcotshwa njengeMeya, uMnuz Siphesihle Zulu, nophinde wabuyiselwa ngo- elethu kulesi sihlalo, ubuyise ithemba kubahlali baseMandeni namaphethelo ebebephume ngobuningi babo bezothamela lo mcimbi.

Eqhuba wethule izidingongqangi ezizohanjiswa umkhandlu ezinsukwini eziyikhulu umkhandlu ufungisiwe. Phakathi kwalezidingongqangi, uMnuz Zulua uthinte ukulungiswa kwemigwaqo ephesheya koThukela nakubize ngeHigh View Park roads upgrade, neHlomendlini-eSiphekephekeni Taxi route upgrade, wabala i-Youth Jobs Summit okuwuhlelo okuhloswe ngalo ukulekelela intsha ekutheni ikwazi ukuthi izihlomise ngamakhono azokwazi ukuthi avale igebe elikhona mayelana nokuntuleka kwamathuba omsebenzi, ukufakelwa kukagesi endaweni yaseVutha eNdulinde, naseMacambini nakubize nge- Vutha ne Nyathini electrification project.

Uthe: “Ngifisa ukuzwakalisa ukubonga kuma khansela abeyingxenye yehlandla eliphelile ngibonge neqhaza alibambile ekulethweni kokuthula nozinzo ezimbonini zakwaSithebe, kanye negxathu elidlalwe nguNgqongqoshe wezokuthuthukiswa kwezomnotho uMnuz Sihle Zikalala, siphinde sibonge ukuvakasha kukaNgqongqoshe wezeMisebenzi uMama Mildred Olifant, kanti ngiyethembisa ukuthi emasontweni ezayo kuzotheleka uNgqongqoshe wezoHwebo uMnuz Rob Davies, ngenhloso yokwakhiwa kabusha kwezimboni ezathintekayo ngesikhathi kunemibhikisho kulendawo.Sengiphetha ngifisa ukubuyisa inhlansi yethemba emphakathini waseMandeni ngokuqinisekisa ukuthi kuvunguza umoya wokuthula nokubambisana emkhandlwini, nakwezinye izinhlangano eziphikisayo, lokhu sizokwenza ngokuthi sakhe ubuholi obuqinile njengenhlangano ebusayo,”usho kanje.

Enkulumweni yakhe yokufungiswa, uNksz Makhosazana Zungu, ophinde wakhethwa ngo-elethu esikhundleni sika Somlomo emkhandlwini, uthe ufisa ukubonga bonke labo ababambe iqhaza okhethweni wabala amakhansela amasha, nalawo aphumayo kanti ubesebonga enhlanganweni ebusayo i-ANC njengenhlangano ayimele.

Ubeseqinisekisa ukuthi uyaqonda ukuthi uthweswe umsebenzi omkhulu wokuthi umkhandlu wonkana uyahambisana nokulethwa kwezidingongqangi ngesivinini emphakathini waseMandeni.

Uthe: “Lokhu kusho ukuthi ikhansela kumele lize emsebenzini ngasosonke isikhathi elidingeka ngaso, litholakale emakomidini omkhandlu futhi likwazi ukulekelela ekulethweni kwentuthuko ngesivinini. Sengiphetha, ngifisa ukubonga zonke izinhlangano zepolitiki ezibe yigxenye yokugcotshwa, nokufungiswa komkhandlu futhi ngiyakwemukela ukwethenjwa umkhandlu waseMandeni,” kusho yena.

Lo mcimbi uphele ngegiya eliphezulu ngesikhathi abahlali baseMandeni bejabulela ukubuyiswa ngo-elethu kukakhansela Phindile Marry Sishi esikhundleni sobuSekela-Meya naye owemukele lesikhundla ngentobeko nangezandla ezimhlophe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.