Umphakathi ubhikishela izindlu

2016-05-18 06:00
Isithombe: Sithunyelwe Umphakathi waseMgigimbe ubhikishe wavala umgwaqo ngoMsombuluko ekuseni ukhala ngokuthi kumele bakhelwe izindlu zikahulumeni.

Isithombe: Sithunyelwe Umphakathi waseMgigimbe ubhikishe wavala umgwaqo ngoMsombuluko ekuseni ukhala ngokuthi kumele bakhelwe izindlu zikahulumeni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI waseMgigimbe, kuWard 9, uvimbe umgwaqo ubhikishela izindlu ngoMsombuluko ekuseni.

Lo mphakathi ukhala ngokuthi ukuhlinzekwa kwezindlu kumele kuqale maduzane njengoba sekuphele iminyaka ulindele ukuthola izindlu zikahulumeni.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, u-Major Shooz Magudulela uthe: “Abantu abangu-40 bavimbe umgwaqo ngenkathi bebhikisha ngoMsombuluko ekuseni,” kusho yena.

Ilungu lo mphakathi elikhulume nephephandaba i-Stanger Weekly, elicele ukuthi igama lalo lingadalulwa, lithe iziphathimandla zakwamasipala zifikile endaweni yaseMgigimbe ngoMsombuluko ukuzo khulumisana nomphakathi wakule ndawo.

Uthe iziphathimandla zidlulise umbiko wokuthi kuzoba khona umhlangano womphakathi kanye neMeya ngeSonto ngomhlaka 22 kuNhlaba (May) 2016.

Leli lungu lo mphakathi lithe ngonyaka odlule iMeya yaKwaDukuza yahlangana nomphakathi waseMgigimbe emuva kokuba lo mphakathi wabhikisha ukhala ngazo izindlu.

Uthe kulomhlangano wangonyaka odlule iMeya yathembisa amalungu omphakathi ukuthi kuzoqala ukwakhiwa kwezindlu ungakashayi uZibandlela (December) 2015.

Uqhube wathi uma umhlangano ohlelelwe iSonto lakusasa ungafezeki umphakathi uzoqala phansi ngokubhikisha.

Uthe: “Iziphathimandla azisitsheli isizathu esibambekayo sokuthi yindaba kuthathe isikhathi esingaka ukuthi kuqalwe ukwakhiwa kwezindlu. Sifuna besitshele ukuthi bazoqala nini ukusakhela izindlu,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.