Uqhakambise imfundo ngakubo

2018-11-21 06:02
ISITHOMBE: ZITHUNYELWENgu S.D Mchunu( SGB) Dr S. Gumede, X.S Dube , Dr M.V Khoza , P .M Mtshali ( uthisanhloko) kanye nabafundi bakulesisikole.

ISITHOMBE: ZITHUNYELWENgu S.D Mchunu( SGB) Dr S. Gumede, X.S Dube , Dr M.V Khoza , P .M Mtshali ( uthisanhloko) kanye nabafundi bakulesisikole.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISIKOLE sabamanga aphansi esisandaweni yasemakhaya kwaMaphumulo iNsongansonga Primary ijabulele ukuvakashelwa ngomunye wababefunda kuso noseGogodile kwezobudokotela ngoLwesine ziyi-8 kuLwezi( November).

UDkt Sandile Gumede nongowokudabuka kulendawo ubuyele kule ndawo ezokhuthaza waphinde waqhakambisa ukubaluleka kwemfundo kubafundi kanye nomphakathi wonkana. Ekhuluma kulo mcimbi uGumede weluleke abafundi ngokubaluleka kokuthathela imfundo phezulu ikakhulukazi njengoba bephuma emakhaya ahlwempu.

“ Sidinga ukwenza imfundo ihehe ezikoleni zasemakhaya njengayo iNsongansonga njengoba lo kungumphakathi ompofu futhi kubalulekile ukuba singavumeli imvelaphi yethu iphazamise ikusasa lethu,” kusho yena.

Lo mcimbi ubuhanjelwe izikole ezingomakhelwane, abesigungu esingamele isikole, uMnyango weZemfundo kanye noMasipala waKwaMaphumulo.

Loyo ongamele isingungu sesikole uMnuz Siyathokoza Mchunu uthe bayaziqhenya ukuvakashelwa isivakashi esibaluleke kangaka emhakathini.

“ Kungumsebenzi wethu ukuba senze ncono izikole zethu zasemakhaya ukuze kuthuthuke umphakathi wethu siphinde sithuthukise nemfundo yasemakhaya,” ubeke kanje.

UDkt Gumede usebenzela esikhungweni semfundo ephakeme i-University of KwaZulu Natal njengomfundisi (lecturer).

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.