Uqokelwe Kowama ‘Live You Dreams’

2018-09-26 06:01
Ngu Savanah Lounge ocula i Hip Hop noqokelwe kuma Live You Dream awards. PHOTO: nKOSINATHI DUBE

Ngu Savanah Lounge ocula i Hip Hop noqokelwe kuma Live You Dream awards. PHOTO: nKOSINATHI DUBE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI weHip Hop osafafusa wakwaDukuza usethubeni eliyinqayizevele lokuhlomula ngendondo kuma Live Your Dream SA Awards nazobanjwa enyangeni kaLwezi nonyaka.

Lomculi ogama lakhe kungu Sabelo Dubazane nowaziwa ngoSavanah Lounge nodabuka endaweni yaseNtshawini uqokelwe emkhakheni weBest Newcoming Artist nokuchaza ukuba ngumculi ovelele osafufusa.

UDubazane kuthe ngoNdasa ( March) kulonyaka wakhipha icwecwe elibizwa nge ‘ My Story’ nelinezingoma eziyisikhombisa. Lomculi uthe waveza ukuthi ngoMasingana ( January) uzokhipha elinye icwecwe azolibiza ngokuthi ‘Space Odyssy’ nezoba nezingoma ezili-17.

UDubazane ubeke waithi, “Lemiklomelo (awards) asungulelwe ukuhlonipha nokukhuthasa amaciko asemasha kuleli kusukela kumabonakude , imisakazo ,umculo njalonjalo, lelithuba ngilijabulele kakhulu njengoba kukhumbias kuthi umsebenzi engiwenzayo uyabonakala la ngphandle.

Kanti abafisa ukuvotela lomculi bangathumela umqhafazo enombolweni ethi 45633. Ukuvotwa kuvalwa mhlazi-24 kuLwezi njengoba umcimbi omkhulu uzoba zili-24 kuwo uLwezi ( November) nonyaka eThekwini.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.