Uyaziphendulela owesifazane waseNtshawini onukwa ngokuthakatha

2018-06-20 06:01
PHOTO: nkosinathi dubeAbomndeni balowo onukwa ngikuthathaka endaweni yaseNtshawini bewotha ubomvu esithangamini sabezindaba ngeledlule.

PHOTO: nkosinathi dubeAbomndeni balowo onukwa ngikuthathaka endaweni yaseNtshawini bewotha ubomvu esithangamini sabezindaba ngeledlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories


OWESIFAZANE wasendaweni yaseNtshawini KwaDukuza nonukwa ngokuthakatha kanye nokuthwebula umntwana one- 12 khona endaweni usephumele obala egeza igama lakhe esithangamini sabezindaba nebesibanjelwe esikhumulweni samaphaoyisa aKwaDukuza mhla zinga-30 kuNhlaba.

U Busisiwe Dingiliza Mwandla nongumelaphi wendabuku ohlalo kulendawo yase Sofaya wokhelwa ngomlilo ngamalungu omphakathi ayecasuke engane unwabo ezinyangeni ezintathu ezidlule bemsola ngobuthakathi endaweni , ubephelezelwe amalungu omndeni ukuzoveza elakhe uhlangothi lodaba.

Ngokuka mama wakhe uDudu Mtolo, uBusisiwe ungumuntu wabantu nongeke ashaya nempukane kanti futhi ungusomabhizinise aphinde alaphe ngokwesintu.

“Ukukhuluma nje iqiniso ade ngingahambisani nokuhlala kwakhe kulendawo njengoba omakhelwane bakhe bebengamfuni kwaasekuqaleni akungthusanga okwenzeka kuye njengoba bebehlezi bengakthandi ukphumelela kwakhe,” usho kanje.

Kukholakala ukuba uMwandla kade waba nobudlelwane obungebuhle noMakhelwane bakhe nabamsola ngokuthwebula umphefumulo walo mntwana

“Ubudlelwano bami nabo bekukubi selokhu ngafika laha lengane abakhuluma ngayo ibingumngani wengane yami, bezikhona izinsongo njengoba nestolo sami sesishiswe kaningana kwaphinda kwebiwa nemfuyo yami nekwaziwayo kuthi obani abenzi balobu bubi,” ubeke kanje.

Sezizonke izimoto ezasha egceke ngenkathi ehlaslwa zili-5 njengoba kwasha nomuzi kwaphinde kwakhongelelwa kwanaye ethelwa ngophethiloli bemshisa wasizwa ukufika kwamaphoyisa. Wathola ukusha kabana emzimbeni waze walaliswa esibhedlela kwabshwa abasolwa abahlanu kulesi sigameko nasebethole nebheyile sikhuluma nje.

“Ngizizwa ngingaphephile kanye nomdeni wami njengoba labasolwa bezihambela ngaphandle bengenandaba nemibandela ye bheyili yabo, angeke ngisaya eSofaya koda futhi ngeke ngiyishiye iNtshawini esengiythatha njengekhaya lami,” usho kanje.

Lomdeni ube usunxusa amaphoyisa enze umsebenzi wawo kuvundululwe yonkinto ngaloludaba njengoba selubashiye bedidekile futhi kungekho bufakazi osebulethwe ngaphambili obuphathekayo wokuthi uyathakatha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/World
 

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!

She may only have two legs, but that hasn’t stopped her from gaining thousands of adoring fans!

 

Paws

10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Just 10 cats hanging out in boxes - because they're awesome
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.